Ingosi

Uvela kuphi lo Manqoba Mngqithi oseyiTV engayeki ukukhuluma?

SIHLE NGUBO 

Imidlalo yokulungisela isizini ayisoze ikukhombise ukuthi iqembu limi kuphi nokuthi lingase ligcine likuphi.

Lokhu sekucace kaningi kumaligi ehlukene futhi kusidweba sicace isithombe sokuthi imidlalo yobungani ayifani nhlobo naleyo esemthethweni. Njengoba sekuqala isizini entsha yeBetway Premiership, yilapho kuzocaca khona ukuthi amaqembu ehlukene aphetheni.

Okwamanje kushiya imibuzo kakhulu okuphethwe ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, uma kubhekwa indlela abebedlala ngayo ngesizini edlule. Abafana Ba’Style bashaye into ephansi kakhulu kwiMTN 8, nokugcine ngokuthi bakhishwe yiStellenbosch FC kweyandulela owamanqamu.

Kuhlale kuzoba njalo uma kushintshe umqeqeshi eqenjini. Ukuhamba kukaRulani Mokwena kwiSundowns kushiye imbobo ezothatha isikhathi ukuvaleka.

Ngokubona kwami uManqoba “TV” Mngqithi ungumqeqeshi omuhle kakhulu futhi unalo ithuba lokwenza kahle kwiSundowns. Okumele sikukhumbule nokho ukuthi kuningi okwenzekile nokushiwo eqenjini, ngesikhathi kuhamba uMokwena.

Nakanjani lezi zinto ziyalithikameza iqembu futhi nginesiqiniseko sokuthi abadlali abaningi abakuthandanga ukuhamba kukaMlungisi, okungelinye igama likaMokwena. Phela uMokwena ubesexhumana ngendlela ekahle nabadlali futhi ezwana nabo.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi ubekwazi nokuba nabo ezindaweni lapho obekusuke kuzihlalelwe nje kungekho ibhola phakathi. Uma lokho kuliqiniso, okusho ukuthi uMokwena ubesebenze baqina kakhulu ubudlelwano bakhe nabadlali.

Bebezimisele ngokufela enkundleni ukuze bajabulise lo mqeqeshi. Ukuthatha kukaMngqithi nakanjani kuzofika noshintsho nesimo esihluke kakhulu. Akenzi izinto njengoMokwena futhi kusamele akhe obakhe ubudlelwano obujulile nomdlali ngamunye.

Okungixaka ngoMngqithi nje ukuthi usethanda ukulandela igama lakhe lesidlaliso elithi TV. Uyakhuluma lo Mngqithi wamanje futhi angazi ukufunde nini lokhu. Mina ngazi uMngqithi okhuluma kancane enze kakhudlwana.

Kungekudala uMngqithi ubencoma uRomain Folz, oyiphini lakhe, wabe esegudla obengumqeqeshi uMokwena. Uzwakale ehlaba isitayela sokudlala sikaMokwena, ngase ngaxakeka ukuthi kanti sonke lesi sikhathi ubeyiphini lomuntu onesitayela angasithandi.

Eqhubeka uTV uthe: 
“Ngiyamethemba uFolz futhi ngiyayithanda indlela ayiyona. Empeleni ngiyathanda ukusebenza nabantu abangaziphakamisi njengoKennedy Mweene, umqeqeshi uSteve Komphela noWendell Robinson, abangalweli ithelevishini nokugqama. Ngethemba ukuthi konke lokhu kuzofakazeleka.”

Hhayi impela namanje ngiyazibuza ukuthi onjani lo Mngqithi oseyiTV engayeki ukukhuluma. Ngesikhathi bedliwe yiStellenbosch emlenzeni wokuqala weMTN8, uMngqithi wathi kuseyisiwombe sokuqala nje, abantu bazobona okuhlukile esiwombeni sesibili.

Wafika umlenze wesibili eMoses Mabhida Stadium, yaphinda yathela induku iStellies. Asikho nje isidingo sokuthi uMngqithi azifakele ingcindezi ngokukhuluma kakhulu. Nansi imidlalo yeBetway Premiership iyaqala, kumele kucace esakhe isitayela.

Akenze uMngqithi sibone angalokhu ethembisa izulu nomhlaba. Lokho kungase kumfakele ingcindezi engaphezu kwale anayo uma esehluleka ukunika abalandeli beSundowns lokhu abakujwayele – ukunqoba njengegama lakhe uManqoba.