Ingosi

Ushintsho kwiDowns lungaba nomthelela omubi kwiBafana 

SIHLE NGUBO 

Akumele kuhlekwe futhi kuthathwe njengento encane okwenzeka kwiMamelodi Sundowns njengamanje, okungase kuyishintshe indlela elidlala ngayo leli qembu.

Isimo sakamuva seSundowns sikhombisa ukuthi iqembu alinawo amandla nomfutho ebelinawo kumasizini edlule.

Ukunqoba isicoco seligi izikhawu eziyisikhombisa kulandelana, bekukhombisa amandla, ubisi lwabadlali nempokophelo leli qembu ebelinakho.

ISundowns isanda kuchitha obengumqeqeshi uManqoba Mngqithi ngoba engavunywa yimiphumela selokhu kuqale isizini entsha ka-2024/2025.

ISundowns iyiqale ngebatha isizini ikhishwa yiStellenbosch FC kwiMTN8, lapho leli qembu laseKapa lishaye ompetha beligi ngo 1-0 kabili emilenzeni emibili kowandulela owamanqamu.

Kuphinde kwangahamba kahle kuBafana Ba’Style beshaywa yiMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout emasontweni edlule.

KwiCaf Champions League nakhona ayiyiqalanga kahle imidlalo yamaqoqo iDowns. Ibambane ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo ngo 0-0 eLoftus Stadium, kwathi ngempelasonto edlule yaphinde yabanjwa yi-ASFAR yaseMorocco ngo 1-1 ekuhambeni.

Emidlalweni yeBetway Premiership iSundowns seyike yashaywa yiPolokwane City ngo 1-0. Nokho iyona esazihola phambili kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-21, alinganayo nawe-Orlando Pirates.

Okunye okungenzeka ukuthie uMngqithi emsebenzini wakhe ukuxaba nabadlali ababili beSundowns, uKhuliso Mudau noTeboho Mokoena.

Laba badlali bake bangadlala emidlalweni yeMTN8 kwavela ukuthi abezwananga noMngqithi. Ngebhadi ke lo mqeqeshi ugcine engayinqobanga iMTN8 njengoba ephume kweyandulela owamanqamu.

Kwenzeka konke lokhu nje Abafana Ba’Style bebesanda kuhlukana noRulani Mokwena ekupheleni kwesizini edlule. Lo mqeqeshi usecija iWydad Athletic Club, yaseMorocco.

ISundowns seyizocijwa uMiguel Cardoso odabuka ePortugal. Lo mqeqeshi obecija i-ES Tunis ufike nethimba lakhe labaqeqeshi nokuchaza ukuthi kuqalwa kabusha kwiSundowns.

Lolu shintsho lungase lube nomthelela ongemuhle eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Yinto eyaziwayo ukuthi uHugo Broos unokubiza abadlali abayisishiyagalolunye beSundowns, ngoba iqembu belenza kahle ekhaya nasemidlalweni yeCaf Champions League.

Njengamanje akwaziwa noma iSundowns izoqhubeka yini nomgqigqo wayo njengoba kushintshe abaqeqeshi. Kungokokuqala eminyakeni engu-14 iSundowns icijwa umqeqeshi wangaphandle.

Kusukela ngo-2012 iSundowns beyiqeqeshwa uPitso Mosimane, oshiye uMokwena, naye wahamba washiya uMngqithi. Njengamanje kuqalwa ikhasi elisha eChloorkop futhi lokho akwaziwa ukuthi kuzolibeka kuphi iqembu.

Okungathandazelwa uBroos ukuthi kungabhidliki konke kuBafana Ba’Style ngoba lokho kungaba nomthelela ongemuhle kwiBafana.

Yebo akhona amanye amaqembu ePremiership angakhetha kuwona umqeqeshi weBafana kodwa lokhu asekwakhile esebenzisa abadlali beSundowns ngeke athande kubhidlike manje.