Uvutha uya phambili umlilo wamaProteas kweyoMhlaba
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika seyilinde ezobhekana naye kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba yeT20, kulandela ukuzibekisela indawo ngoMsombuluko ekuseni.
AmaProteas anqobe ngamawikhethi amathathu ehlula iWest Indies emdlalweni obunzima kakhulu wokugcina kuGroup 2. La maqembu aye kulo mdlalo enethuba lokudlulela phambili womabili.
Iqembu lakuleli bese livele linamaphuzu amane kodwa ukunqoba kwe-England ngamalengiso kwi-USA kuyibeke esicongweni. Lokhu bekusho ukuthi ukushaywa kwiNingizimu Afrika bekungayenza ingadluleli phambili ngoba iWindies ibine-net run rate engcono.
AmaProteas awine ithosi akhetha ukushwiba. Enze kahle kakhulu njengoba uTabraiz Shamzi ethathe amawikhethi amathathu, baphoqa iWest Indies ukuthi ibeke ama-run angu-135 kuphela ebhodini.
Kuke kwabanjwa umoya kumaProteas ngesikhathi kushayisana kabi uKagiso Rabada noMarco Jansen, bezama ukuyonqaka ibhola. Nokho bobabili laba bebesenkundleni bashaya ama-run abalulekile okugcina anqobise amaProteas.
Iphendula iWest Indies umdlalo uke waphazanyiswa yimvula. Lokhu kuphoqe ukuthi wehliselwe ama-over nobekuchaza ukuthi iNingizimu Afrika ibisidinga ama-run angu-123 ukuze inqobe.
Akubanga lula ngoba uRoston Chase, ogcine ethathe amawikhethi amathathu, ubelwa, kanjalo no-Andrew Russell ophume namabili. UChase ube nomdlalo omuhle njengoba enze ama-run angu-52 ngesikhathi kubhetha iqembu lakhe.
KumaProteas kuzame uTristan Stubbs (29), uHeinrich Klaasen (22) noMarco Jansen (21). Ngaphandle kwalaba badlali uRabada ungene washaya ama-run abalulekile ngesikhathi ebhetha noJansen.
AmaProteas azolinda ozodlulela phambili phakathi kwe-Australia ne-Afghanistan ngaphambi kokuthi kucace ukuthi azodlala nobani kowandulela owamanqamu. NgoMsombuluko kuGroup 1 kuzotholana phezulu i-India ne-Australia bese iBangladesh, engasenalo ithuba lokudlulela phambili, ibhekane ne-Afghanistan.