Ikhilikithi

AmaProteas anethuba lokuqeda ishobolo leminyaka kweyoMhlaba

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika inethuba elihle kakhulu lokuyodlala owamanqamu weNdebe yoMhlaba yeT20 ka-2024, njengoba izobhekana ne-Afghanistan kowandulela owamanqamu ngoLwesine.

AmaProteas asezame kaningi ukufinyelela kowamanqamu weNdebe yoMhlaba yeT20 neyosuku olulodwa, kusukela iNingizimu Afrika yabuyiselwa emidlalweni yamazwe omhlaba ngo-1992, kodwa akukaze kwenzeke.

Abaningi bazokhumbula ukuthi kwenzeka isiphithiphithi phakathi kukaLance Klusener no-Allan Donald, ngo-1999 kwiNdebe yoMhlaba yosuku olulodwa, amaProteas ebhekene ne-Australia kowandulela owamanqamu. Kwaphetha ngokuthi iNingizimu Afrika iphume kabuhlungu kwiNdebe yoMhlaba.

Inaloke ithuba lokulungisa namanye amaphutha lapho izithole ihluleka ukudlula kweyandulela owamanqamu emlandweni wayo. I-Afghanistan izibekisele indawo kweyandulela owamanqamu ngemuva kokushaya iBangladesh ngoLwesibili ekuseni.Ukunqoba kwe-Afghanistan kuqinisekise ukuthi i-Australia obuyela ekhaya njengoba ingenzanga kahle kulo mqhudelwano. Ishaywe yi-Afghanistan ne-India emidlalweni yeSuper 8.

Okwesithathu amaProteas eyodlala kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba yeT20. Akwenzile lokhu ngaphansi kukaGraeme Smith, aphinde akwenza eholwa uFaf du Plessis. U-Aiden Markram kubhekwe ukuthi awabeke kowamanqamu bese azame nokubuya nendebe.

I-India izobhekana ne-England emdlalweni owandulela owamanqamu ngalo oLwesine. AmaProteas ne-India bangase batholane kowamanqamu weT20 yeNdebe yoMhlaba, njengoba kuyiwona wodwa amaqembu angakashaywa kulo mqhudelwano obanjelwe e-USA naseWest Indies nonyaka.