Uvalelisile kuMakhosi ewonke umdlali ochithwe yiChiefs
SIHLE NGUBO
Uvalelisile kwiKaizer Chiefs uSiyethemba Sithebe inkontileka engeke isavuselelwa kuleli qembu laseNaturena.
USithebe ukubadlali abathathu abaziswe ngoLwesibili ukuthi kuphelile obekubahlanganise neChiefs njengoba izinkontileka zabo ziphela ekupheleni kukaJuni. Abanye uKeagan Dolly noSifiso Hlanti.
“Ngidlulise ukubona kwiKhosi Nation. Ithuba engilitholile hhayi isandla sedlula ikhanda. Nginifisela isizini enhle…uthando noxolo,” kubhala lo mdlalo kwi-X.
USithebe ufike kwiChiefs ethembisa kodwa izinto zangahamba kahle. Ubeshaya into ecokeme kuMaZulu FC nokwenze ukuthi iChiefs imhlwithe ngaphambi kokusayina inkontileka entsha. KuSuthu uhambe kungasekuhle njengoba umengameli walo, uSandile Zungu, enqume ukuthi angabe esadlaliswa ezinyangeni ebezisele ngaphambi kokujoyina Amakhosi.
Lokhu kwacisho kwaqhatha uZungu nomqeqeshi uBenni McCarthy owayegcizelela ukuthi yena uzomdlalisa uSithebe ngoba wayengumdlali woSuthu.
Omunye umdlali obekusanda kuvela ukuthi uyashiya kwiChiefs, uNjabulo Ngcobo okuthiwa ubheke kwiSekhukhune United. Bakhona abanye abadlali abaphelelwa yizinkontileka kwiChiefs, okubalwa kubona no-Itumeleng Khune, okusabhekiwe ukuthi kuzokwenzekalani ngabo.