I-Young Africans ihlalele ovalweni ngomataniswa nezinkunzi zaseSoweto
NQOBIZITHA MNCWANGO
Umengameli weqembu laseTanzania, iYoung Africans, usephumele obala ngesimo senkontileka yesilomo saleli qembu uStephane Aziz Ki waseBurkina Faso kodwa owazalelwa e-Abidjan e-Ivory Coast.
Ngemuva kwengcwenga yebhola elikhonjiswe yilo mdlali oyibamba ngenxele, umbuzo osale neqembu ukuthi ngabe lizokwazi yini ukumgcina kwazise nenkontileka yakhe iphelile njengoba kuphele isizini.
Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa indebe yamaqembu amabili (iKaizer Chiefs neYoung Africans), iToyota Cup umengameli weYoung Africans, uHersi Ally Said, ukuvezile ukuthi banalo uvalo ngokuthi bangase belahlekelwe yilesi sibabuli somdlali.
“Kunamaqembu amfunayo lo mdlali phesheya kwezilwandle nakhona lapha eNingizumu Afrika kodwa sisenethemba lokumgcina njengoba zikhona izingxoxo zokuvuselela inkontileka,” kusho uSaid.
“Nokho asikafinyeleli esivumelwaneni njengoba lo mdlali eqhathanisa imiholo. Vele ebholeni kufanele uyicabange inzuzo.”
Amaqembu amathathu aseNingizimu Afrika yi-Orlando Pirates, iMamelodi neKaizer Chiefs. Wonke la maqembu ahlale evela uma kukhulunywa ngabadlali abahle futhi abafuna imali engcono. Kodwa alikho eliphumela obala ngalo mdlali, oneminyaka engu-28, ogile izimanga eba umshayimagoli ovelele ngamagoli awu-17, yize edlala ngemuva kwabagadli.
I-Young Africans izotholana phezulu neChiefs emdlalweni weToyota Cup, eBloemfontein, ngoJulayi 28. Lo mqhudelwano, ozobe udlalwa okokuqala, wethulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko.