EzakamuvaiDStv Premiership

ISundowns ilande omunye umdlali phesheya njengenjwayelo

NQOBIZITHA MNCWANGO 

I-Mamelodi Sundowns seyiqalile ukusayina abadlali abanohlonze njengoba imemezele uKobamelo Kodisang njengomdlali wayo omusha osuka eqenjini lase-Portugal i-Moreisense, edlala esigabeni esikhulu, i-Primera Division.

U-Kodisang (24) waqala ukuvela ebholeni laseNingizimu Afrika ngesikhathi edlala kwiDStv Diski Challenge emele iqembu iPlatinum Stars engasekho. Udlale kancane kwiBidvest Wits, nayo engasekho, wabe esewelela phesheya kwezilwandle.

Udlalile emaqenjini amancane e-Sporting Braga wanyuselwa phezulu maqede wabolekiswa eqenjini iMoreirense ebidlala esigabeni sesibili, nayisize yakwazi ukunyukela phezulu ngesizini edlule. Ubengumdlali ojwayele ukuqhamuka esuka ebhentshini isikhathi esiningi ngesizini edlule, yize eminye imdlalo eyiqalile 

Umele iNingizimu Afrika ezigabeni zonke njengoba eqale kwi-Under 17, yi-Under 20, yi-Under 23, waphinde wadlala kanye kwiBafana Bafana. Wayengomunye wabadlali ababemele iNingizimu Afrika kuma-Olympic ngo-2020 eJapan.