Ezakamuvai-Currie Cup

ISharks izoya koweCurrie Cup seyihlome ngamaBhokobhoko


SIHLE NGUBO

I-Hollywoodbets Sharks izozama ukunqoba umdlalo wayo wokuqala weCarling Currie Cup ka-2024, uma seyivakashela iSuzuki Griquas, eSuzuki Stadium, eKimberly, ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama.

Leli qembu laseThekwini aliyiqalanga kahle le midlalo njengoba lishaywe yiLions ekhaya ngeledlule. Nokho likhona ithemba lokuvuka lizithathe ngoba lizobe selihlome ngamaBhokobhoko ayisithupha adedeliwe ekhempini.

UTrevor Nyakane uzodlala umdlalo wakhe wokuqala weSharks kusukela asayina, kanti uzongena esikhaleni sikaKhwezi Mona. UNtuthuko Mchunu yena uzoshintsha u-Abraham Reynecke.

Elinye iBhokobholo, uPhephsi Buthelezi, lizongena esikhaleni sikaJannes Potgieter, uMakazole Mapimpi ashintshane noJaco Williams. U-Andre Esterhuizen usebuyele eThekwini ngemuva kokuthi xhinti kwi-English Premiership, kanti uzobambisana noMuller du Plessis esiswini, uMurray Koster uzoqala ebhentshini.


Ushintsho lokugcina kuzoba oluka-Aphelele Fassi obuyile kwi-full back, ozongena endaweni kaHakeem Kunene.


“Sithathe lokho okuhle emidlalweni wangesonto elidlule kodwa siphoxekile ngoba sicabanga ukuthi bekumele siwunqobe umdlalo,” kusho umqeqeshi uJP Pietersen.


“Kodwa konke lokho kuyingxenye yokufunda. Abadlali abaningi abasebancane baphakamise isandla futhi benza kahle. Lokho kukhombisa ukuthi sihamba kahle naleli khono elisha.”


Njengoba iGriquas ishaywe yiPumas ngo 44-24 ekhaya, uPietersen ulindele umdlalo onzima kakhulu ngoLwesihlanu eKimberly.

Selilonke iqembu limi kanje:

1.    Ntuthuko Mchunu

2.    Daniel Jooste
3.    Trevor Nyakane
4.    Coetzee Le Roux
5.    Reniel Hugo
6.    Tino Mavesere
7.    Phepsi Buthelezi
8.    Nick Hatton (C)
9.    Bradley Davids
10.    Lionel Cronje
11.    Makazole Mapimpi
12.    Andre Esterhuizen
13.    Muller du Plessis
14.    Yaw Penxe
15.    Aphelele Fassi


Ebhentshini:
16.    Kerron van Vuuren
17.    Abraham Reynecke
18.    Khwezi Mona
19.    Reinier Viljoen
20.    Jannes Potgieter
21.    Tiaan Fourie
22.    Murray Koster
23.    Eduan Keyter / Jaco Williams