EzakamuvaIbhola

I-Bay icacisa ngokungabi khona kukaKanu eqenjini

I-Richards Bay Football Club ithi amampunge oqobo ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwayo nomqeqeshi uVusumuzi “Kanu” Vilakazi.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe yileli qembu, umqeqeshi useGoli lapho enza khona zeCaf B Diploma, futhi usengumqeqeshi weqembu. 

“Yinto engeyinhle ukuthi ngesikhathi kunezindaba ezinhle nempumelelo ngeRichards Bay FC, abanye bezindaba sebeqoke ukuba nomona ngalokhu, base bazakhela udaba olungekho ngeqembu nomqeqeshi,” kusho isitatimende seBay.

“Usihlalo weRichards Bay, uJomo Biyela, ukuvezile entathelini ukuthi ukungabi khona komqeqeshi izolo (ngoLwesithathu) ngesikhathi kunomcinbi, yingoba uyokwethamela izifundo zokuqeqesha futhi iqembu limnikile imvume.

 “Into eshiwo abaxhasi ukuthi usizo lwemali olufakiwe luzosiza ukuqinisa ithimba labaqeqeshi nabadlali.”

UVilakazi akaqali ukungabi seqenjini ngoba eyokwenza izifundo zokuqeqesha eGoli. Ubengekho ebhentshini ngasekupheleni kwesizini ngesikhathi iBay itholana khona phezulu naMaZulu. 

Yaba khona imibuzo ngoba iqembu lalivika izembe kodwa kwavela ukuthi wayeyofunda nje kungekho okushintshile. UBiyela ukugcizelele ukuthi lo mqeqeshi akayi ndawo ngemuva kokuthi benqobe imidlalo yokuhlunga, bahlala kwiDStv Premiership.