WINA! WINA! WINA!
Impempe.com iphisana ngamathikithi okuyobuka iNingizimu Afrika itholana phezulu ne-Ireland emdlalweni weCastle Lager Incoming Series, eHollywoodbets Kings Park Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.
AmaBhokobhoko aya kulo mdlalo eshayela phezulu ngemuva kokushaya i-Ireland ngo 27-20 emdlalweni wokuqala eLoftus Stadium ngempelasonto edlule.
Okumele ukwenze ukuze uziwinele amathikithi amabili (umuntu emunye) okuyibuka lo mdlalo, ukungene ekhasini lethu, Impempe The Whistle, bese ushiya igama lakho nenombolo yocingo ngaphansi kwaso lesi sikhangiso.
Umncintiswano uvalwa ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama futhi amathikithi awamaningi. Ungaphuthelwa!