EzakamuvaIbhola

ULucas Ribeiro weSundowns wethulwe eqenjini elisha eSpain

SIHLE NGUBO

Iqembu elidlala esigabeni sesibili eSpain, iDeportiva Leonesa, selimemezele ukuthi lisayinise uLucas Ribeiro Costa ongumdlali weMamelodi Sundowns.

Lo mdlali ubhekene ngeziqu zamehlo naleli qembu laseChloorkop asenenkontileka nalo kodwa akubonakali eyophinde alubhade eNingizimu Afrika .

Uqake wafaka incwadi yokwesula eqenjini yize esenenkontileka ephela ngo-2026.

Kuthe uma kuvela ukuthi iSundowns ishaya phansi ngonyawo ukumdedela, wabe esedlulisela udaba kwiFifa Tribunal.

Akucaci ukuthi kugcine kwenzekani ngemuva kwalokho kodwa uRibeiro, obe yiFootballer of the Year ngesizini edlule, uvalelisile ngokusemthethweni kubalandeli beSundowns.

“Kusukela ngosuku lokuqala ngifika, ngazinikela ngakho konke enkundleni nangaphandle kwayo ukuthola indawo yami nokulwela iMamelodi Sundowns,” kusho uRibeiro esitatimendeni.

“Le minyaka emibili edlule ibimnandi, igcwele imizwa yenjabulo. Ngifunde lukhulu kulolu siko, hhayi kuphela ukuba umdlali ongcono kodwa ukuba umuntu ongcono.

“Kubalandeli bami abamangalisayo baMasandawana, okokuqala, ngibonga kakhulu.”

Kukho konke lokhu iSundowns ithule cwaka, ayicacisi ukuthi lisekhona yini icala phakathi kwayo nalo mdlali waseBrazil.

Ngokwemibiko uRibeiro usayinise mahhala kuleli qembu laseSpain kodwa uhambe kuleli enenkontileka ephela ekupheleni kwesizini esizini ezayo neSundowns, kanti ibinombandela wokuyivuselela ngamasizini amabili.

NgeSonto iSundowns izokwamukela iMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership, eLucas Moripe Stadium, ngo-3 ntambama.