EzakamuvaIbhola

Liyakhula ibhola eKZN, lishona phansi eKapa

SIHLE NGUBO

Ngesikhathi libambelele futhi likhombisa ukukhula ibhola KwaZulu-Natal libukeka lithanda ukuhlehlela emuva eKapa njengoba amaqembu akhona engenzi kahle.

IKwaZulu-Natal izoqhubeka nokuba namaqembu amane kwiBetway Premiership kulandela isinqumo sekomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL, sokuthi iDurban City ingompetha beMotsepe Foundation Championship ngokuphelele.

Bekunecala ebelifakwe yiJDR Stars neCape Town Spurs ngomdlali weCity uSaziso Magawana, abebekholwa ukuthi ubedlala kuleli qembu laseThekwini engenayo incwadi emkhululayo evela kwiMarumo Gallants abeyidlalela ngesizini edlule.

Nokho iCity ilinqobile icala kwase kuyalelwa iStars neSpurs ukuthi bakhokhe zonke izindleko zokuhlalelwa kwecala.

Lokhu kuchaza ukuthi iCity izobe iyibamba kwiPremiership naMaZulu FC, iLamontville Golden Arrows neRichards Bay FC, uma kukhulunywa ngamaqembu aseKZN.

Kuyizindaba ezinhle lezi kulesi sifundazwe uma kubhekwa ukuthi kusanda kuxoshwa iRoyal AM ngenxa yezinkinga zemali ebibhekene nazo.

Usuthu neNatal Rich Boyz bazodlala kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini ezayo, nokuyinto enhle ebholeni lesifundazwe.

EKapa izinto zibukeka zihlehlela emuva uma kukhulunywa ngonobhutshwayo ezingeni lebhola elikhokhelayo.

IStellenbosch FC yenza kahle njengoba uphinde yaqeda endaweni yesithathu kwilogi yePremieship kodwa iCape Town City ingazithola iyositha kwiChampionship.

Leli qembu likaJohn Commitis lizodlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars, abaqede endaweni yesibili neyesithathu kwiChampionship. ICityzens ayibanga nesizini enhle nokwenze ukuthi iqede endaweni ka-15 kwiPremiership.

Kuyaziwa ukuthi imidlalo yokuhlunga ayilula nokuthi iqembu elisuke liqede endaweni ka-15 kwiPremiership lisuke libuthaka kakhulu.

Ngakolunye uhlangothi amaqembu adlala kwiChampionship alambile kakhulu futhi alwa ngakho konke ukuze anyukele kwiPremiership.

ICape Town Spurs yona yehlele kwi-ABC Motsepe League kulandela ukuqeda endaweni yesibili ukusuka emsileni kwilogi yeChampionship.

Ukuyositha kwalasha kwe-Urban Warriors kwenza kubukeke konakele kakhulu ebholeni laseKapa okuhlale kuthenjelwe kulona ekukhiqizeni abadlali abasebancane abanekhono.

Leli qembu kulindeleke ukuthi lidedele abadlali abathile mahhala ngoba ngeke lisakwazi ukubadayisa njengoba seliyodlala kwiligi yama-amesha.

Kulabo badlali kubalwa u-Asanele Velebayi oke wafunwa yiKaizer Chiefs uthuli kodwa iSpurs yanquma ukumbizisa kakhulu.

Kwavela ukuthi iChiefs yayifuna ukukhipha u-R5 million ngoVelebayi bese yengeze ngabadlali abathile ukuthi basuke kuyona baye kwiSpurs.

Nokho i-Urban yawachitha Amakhosi yathi ifuna u-R12 million ngomdlali. Manje sekuzomele imdedele mahhala.

Kuzocaca ekuqaleni kwesizini ukuthi iSpurs izomgcina yini umqeqeshi u-Ernst Middendorp efe naye noma izinto sezibheda kuleli qembu.