OweChiefs uthi uNabi ‘wenza kakhulu’
Umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro, ukhala ngokuthi umqeqeshi omusha weqembu, uNasreddine Nabi, uyabafukuzisa ejimini.
Njengamanje iChiefs iseTurkey lapho ilungiselela khona isizini entsha yeDStv Premiership, engase ishintshe ibizwe ngelinye igama. Kuvela ukuthi iMultichoice nePremier Soccer League bangase babuqede ubudlelwano yize kusasele unyaka esivumelwaneni.
“Amasonto amabili okuqala abenzima kusetshenzwa ngokuzikhandla,” kusho uChivaviro.
“Ukukhuluma iqiniso lena yinto engingakaze ngabhekana nayo phambilini. Ngiyakholwa ukuthi kuzolenzela lukhulu iqembu.
“Umdlanda uphezulu, ukuzinikela kusezingeni eliphezulu. Ukuncintisana nakho kusezingeni eliphezulu. Yilokho impela okudingayo eqenjini elikhulu njengeChiefs.”
IChiefs kulindeleke ukuthi ibuye ngesonto elizayo eTurkey. Izobe seyibhekana neYoung Africans, yaseTanzania, emdlalweni weToyota Cup eBloemfontein, ngoJulayi 28. Kulindeleke ukuthi imemezele abadlali abasha ezoqinisa ngabo iqembu.
Ivele seyisanise uBongani Sam obekwi-Orlando Pirates. Lo mdlali uthe efika kwiChiefs walimala. Kuvela ukuthi uNabi ufuna abagadli kanti alisali igama lika-Aziz Ki weYoung Africans.