UKhoza akanikwe izincomo ezimfanele ngokukhuphula iPSL
SIHLE NGUBO
Labo abangawuboni umsebenzi omuhle osuwenziwe usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, kumele bazibuze ukuthi le nhlangano ifike ngomlingo yini lapho ikhona.
Akukho ukuthandabuza ukuthi iPSL ibalwa namaligi ahamba phambili nahlelekile emhlabeni, hhayi e-Afrika nje kuphela. Yebo uKhoza akayona inkabi esidonsa yodwa isihlibhi kwiPSL kodwa kungabe kungukumedelela ukungamniki inhlonipho nokubongwa okumfanele, ngamagalelo akhe kule nhlangano.
Ngemuva kokwethulwa kweBetway njengabaxhasi abasha bePSL, abanye bebelindele izinto eziningi, kanti ezinye yimilingo nje emangazayo. Bakhona abebebheke ukuthi imidlalo yeBetway Premiership ngeke isasakazwa yiMultichoice/DStv ngoba nakhu le ligi ayisezukubizwa ngeDStv Premiership.
Laba bangixaka kakhulu ukuthi ngabe baze bafike kulo mcabango nje bekwenzenjani. Kanti babekuphi ngesikhathi iligi isabizwa ngeCastle Premiership kodwa imidlalo isakazwa yiDStv? Babehlala ngaphansi kwamatshe ngesikhathi kuyi-Absa Premiership kodwa ilungelo lokusakaza imidlalo yeligi lisezandleni zeMultichoice?
Isivumelwano sokusakaza imidlalo yePremieship nenkontileka yokuxhasa iligi yizinto ezihlukene lezo. Yikho nje kungabanga khona ushintsho ngokuthi imidlalo izosakazwa ubani. Konje ubani vele okuke kwezwakala ukuthi uphakamise isandla wathi ufuna ukuba yingxenye yokusakazwa kwemidlalo yePremieship?
Bese kube khona labo ababona sengathi isivumelwano sePSL neBetway asishayi khona, futhi imali elinganiselwa ku-R900 million ezokhishwa yile nkampani yokugembula incane. Nabo laba bangishiya ngibambe ongezansi bese ongenhla ngiwudedele namanqomfula, ukuthi azenzele umathanda. U-R900 million eminyakeni emithathu mncane?
Hhayi impela abanye abantu abakwazi ukubonga nokuncoma lapho kusuke kufanele khona. UKhoza uhlanganise lesi sivumelwano esikhathini esifushane, sekucaca nokuthi imidlalo yePremieship ingase ingaqali. Hhayike uma ebuya no-R900 million sithi ‘amakinati’ bekumele kube yisivumelwano esingcono.
Akukhona ukudlala umasigcozi ukunxenxa abaxhasi ukuthi babe yingxenye yenkampani noma inhlangano ethile. Awuvuki nje ekuseni uhlabe ucingo ulubhekise kuLaurens Michel (weBetway), bese ntambama kube sekuvunyelwana, kusayinwe. Miningi imigomo nemibandela elandelwayo.
Akanikwe izincomo ezimfanele uKhoza ngokuthatha iPSL ayibeke lapho ikhona. Akalona isotsha eliya empini lodwa kodwa sekuvele kaningi ukuthi unayo indlela yokuthambisa abaxhasi ukuthi bakulalele akushoyo. Leyo nhlonipho abamnika yona iyo kanye esiyomkhumbula ngayo uma esekhetha ukuyophumula ekhaya.
Kuke kwabikwa (ngoMashi) ukuthi uKhoza angase athathe umhlalaphansi ngoba izingane zakhe zikholwa ukuthi usemdala manje. Kuvelile ukuthi abaxhasi abeneme nakancane ngalokho. Yilokho okumele kusikhathaze ngokuthi ubani oyongena ezicathulweni zakhe, aphinde akwazi ukunxenxa abaxhasi uma esethi khumu kwiPSL.
Kuyoba nzima kakhulu. Ukushiya kukaKhoza kwiPSL kuyofana nokucishwa kukagesi isikhathi eside edolobheni elikhulu. Shwiii!