Inkakha igxeka oweChiefs ngezitayela ezingenasidingo
Inkakha yebhola laseNingizimu Afrika, uMlungisi “Professor” Ngubane, igxeka umdlali osemncane weKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, ngokushaya izitayela enkundleni kungenasidingo.
Kube nokukhuluma okukhulu ngokuthi lo mdlali ubeshaya izitayela yize iChiefs bese ivele ilandela emuva ngo 1-0 ibhekene neYoung Africans yaseTanzania. Kulo mdlalo weToyota Cup Amakhosi agcine eguqe ngo 4-0 eBloemfontein.
UNgubane, owayedlalela AmaZulu neBush Bucks, uthe isenzo sikaVilakazi sikhombisa ukungazimiseli uma esenkundleni.
“Ungazijabulisa izihlwele ngokuwina kodwa ngeke uzame ukujabulisa abantu uma nilandela ngemuva emdlalweni. Yinto nje engawenzi umqondo, ishiya imibuzo ngokuzimisela komfana ebholeni,” kusho uNgubane kwiKickOff.
“Ukushaya izitayela kumele kushiyelwe imidlalo yezinkakha. Bavunyelwe ukwenza lokho noma kungathiwa bayashaywa ngoba basuke bezidlalela nje emidlalweni yabo.
“Kodwa emdlalweni weChiefs awukho umdlalo wobungani ngoba basazama ukwakha kabusha igama labo. Sonke besilindele lukhulu kwiChiefs ngeSonto.
Ukushaywa kweChiefs ngo 4-0 kubakhathazile abalandeli bayo njengoba nangesizini edlule beyingenzi kahle.
“Nginesiqiniseko sokuthi umqeqeshi weChiefs ukhulumile nomfana ngemuva komdlalo, ungumqeqeshi omuhle,” kuqhuba uNgubane.
“Ubengafuni ukuphoxa umfana phambi kwawo wonke umuntu. Asethembe umtshelile ukuthi zenziwa nini lezi zinto, kuphi futhi kungani. Ngeke ufake izitayela nokushaywa emushweni owodwa. Ukushaya izitayela kwenzelwa ukunqoba.”
IChiefs iseBotswana lapho iyoqedela khona amalungiselelo esizini entsha. Emdlalweni wokuvula izobhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership.