EzakamuvaIBetway Premiership

‘Asikafiki lapho sifuna khona,’ kusho umdlali weChiefs

SIHLE NGUBO

Ukholwa ukuthi abakafiki lapho befuna khona njengeqembu umgadli weKaizer Chiefs uFlavio da Silva, oshaya amagoli kulezi zinsuku.

Ukhuluma kanjena nje lo mgadli iChiefs idedela isibhaxu kulezi zinsuku emidlalweni yeBetway Premiership.

NgoLwesithathu ibhaxabule kabuhlungu iMagesi FC ngo 4-1 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Bese kungokwesibili Amakhosi eshaya leli qembu laseLimpopo esikhathini esingamasonto amathathu.

Emdlalweni wokuqala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, iChiefs inqobe ngo 2-0 kwiMagesi.

Amakhosi asenqobe imidlalo emihlanu ilandelana okuyinto abeqala ukuyenza kule sizini.

Lokhu kukhombisa ukuzimisela kakhulu kubadlali beChiefs kodwa uDa Silva, ongowokuzalwa eGuinea-Bissau, uthi basengenza okungaphezulu.

Lo mgadli ushaye igoli bebhekene neTS Galaxy, waphinda elinye bebhudluza iMagesi.

“Ngimusha lapha. Ngaphambi kokuthi ngifike ngenze uphenyo ukuthi iyiphi inselelo engizobhekana nayo ngiyilwele,” kusho uDa Silva.

“Angikenzi okukhulu kakhulu. Ngenelisekile kodwa ngoba sisemeni esingcono kakhulu uma ubheka ukuthi ngesizini edlule iqembu belihluleka ukuba kwiTop 3, nokulwela ukunqoba isicoco seligi.

“Akwenele ngoba yiqembu elikhulu leli. Sidinga ukuncintisana namaqembu amakhulu.

“Asikafiki lapho sifuna khona kodwa sesisondele. Yinto ezisebenza kuyona.”

IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni weBetway Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.

Amakhosi azozama ukuqhubeka nomgqigqo wawo wokunqoba imidlalo nokushaya amagoli.

Okubukeka ikulungisile iChiefs ukuthi seyishaya amagoli angaphezulu kwelilodwa bese ingadedeli kalula amagoli.

Emidlalweni emihlanu edlule iChiefs isadedele amagoli amabili kuphela okuyirekhodi elihle kakhulu.