Ezokusubatha

USimbine kumele anconywe ngesibindi nokuzimisela kuma-Olympic

SIHLE NGUBO

Kumele ashayelwe ihlombe umgijimi waseNingizimu Afrika, u-Akani Simbine, yize egejekile ukuthola indondo kuma-Olympic ka-2024 aqhubekayo eParis, eFrance.

Lo mgijimi uqophe umlando ngokuqopha irekhodi elisha lakuleli elingu-2.82 kowamanqamu we-100m. Nokho uSimbine akakwazanga ukubuya nendondo njengoba ephume endaweni yesine.

Kunqobe uNoah Lyles wase-USA obevele eshilo ukuthi uzowudla umhlanganiso. Phambilini uSimbine, oneminyaka engu-30, unqobe owandulela owamanqamu ngo-2.87 ukuze azibekisele indawo kowamanqamu.

Bekushubile kakhulu kowamanqamu njengoba bekukhona abagijimi base-USA nabaseJamaica abaziwayo ukuthi abathintwa kwi-100m kanjalo ne-200m. Indawo yesibili ithathwe uKeshina Thompson waseJamaica kwathi eyesithathu kwaba uFred Kerley wase-USA.

Abanye abanye abagijimi baseNingizimu Afrika abebekhona kwi-100m uShaun Maswanganyi noBenjamin Richardson, abehlulekile ukuzibekisela indawo kowamanqamu. Bese kungokwesibili uSimbine ephuma isine emidlalweni yama-Olympic.