IBetway Premiership

OwoSuthu ujabulela ukuyobhekana neqembu lakhe lakudala iRockets

SIHLE NGUBO 

U-Ethan Brooks waMaZulu FC, ubheke ukuthi baqhubeke nomgqigqo wabo uma sebebhekene neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

Usuthu luzoya kulo mdlalo lunokuzethemba okukhulu kulandela ukushaya iRichards Bay FC ngo 3-1 emdlalweni odlule.

UBrooks uzobe eyobhekana neqembu lakhe lakudala kwiRockets. Usuke kulona leli qembu wajoyina Usuthu kumasizini edlule.

Ukunqoba koSuthu ngoMgqibelo kungalunyusela endaweni yeshumi kwilogi yePremiership, ngaphambi komdlalo weMarumo Gallants, esendaweni ka-11, neMagesi FC, abadlala ngo-5.45 ntambama.

“Silindele umdlalo omuhle kakhulu kwiTS Galaxy, bayiqembu elihle,” kusho uBrooks oke abizwe nakwiBafana Bafana.

“Umdlalo wasekuhambeni kithina kanti bona badlalela ekhaya. Ngikubheke ngabomvu ukudlala lo mdlalo ngempelasonto.

“Kuhlale kuyinto enhle ukudlala nabo. Ngesizini edlule siyinqobile imidlalo eminingi sibhekene nabo.

“Kuhlale kumnandi ukuphindela laphaya, yilapho ngaqala khona. Kuzobaluleka ukuthi sigcine umgqigqo wethu, siqhubeke nalokhu esikwenzayo.

“Ngicabanga ukuthi konke kusemqondweni ukuthi sigcine umgqigqo wethu. Ngiyethemba ukuthi nangempelasonto sizowugcina.

IRockets inamaphuzu ayisithupha njengalo Usuthu, kanti isendaweni ka-14 ngokuhlukaniswa amagoli. EzikaTim Sukazi zibambane nePolokwane City ngo 1-1 ekuhambeni ngempelasonto edlule.

“Ngokomqondo sengiwulungele umdlalo, ngiqale ukuzilungiselela ngoMsombuluko. Ngiwulindele umdlalo kanjalo nabanye eqenjini bawubheke ngabomvu. Njengoba ngishilo kumele siqhubeke nomgqigqo wethu.”