Abazali basukumela eyomdlali onqatshelwa ukuya kwiChiefs
Abazali bomdlali weCape Town Spurs, u-Asanele Valebayi, abayizwa eyokuthi leli qembu lenqabela lo mdlali ukuthi aye kwiKaizer Chiefs.
Ngokubika kweSABC Sport, abazali balo mdlalo sebecele umhlangano ngokushesha mayelana nokuthi iqembu lakhe lisichithile isicelo ebesifakwe yiChiefs kuleli sonto, sokuthi kube nezingxoxo mayelana nokusayinisa uValebayi.
Akucaci ukuthi kungani iSpurs ingafuni noValebayi, oneminyaka engu-21, kodwa abazali bakhe sebenqume ukulusukumela lolu daba.
Kuthiwa uValebayi useke wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ukuya kwelinye iqembu kubaphathi beSpurs. Unethemba lokuthi ukungenelela kukanina kuzokwenza afeze iphupho lakhe lokuyodlalela Amakhosi.
Lo mdlali ubekhona kwiBafana Bafana ngesikhathi idlala kwiCosafa Cup. I-Urban Warriors idliwe yizembe ngesizini edlule nokuchaza ukuthi izobe idlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
IChiefs ivele seyisayinise umdlali wasemuva obegijima kwiSpurs, uRushwin Dortley. Nakuyena lo mdlali kuze kwangenelela abazali ngoba iqembu libhala licisha ngemali obekumele kukhokhelwane yona.