AmaBhokobhoko aqede ishobolo ebhonya iWallabies eSuncorp
SIHLE NGUBO
AmaBhokobhoko aqede ishobolo ebhaxabula i-Australia ngo 33-7 emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship, eSuncorp, eBrisbane, e-Australia, ngoMgqibelo ekuseni.
INingizimu Afrika ihlale ukuthola kunzima ukushaya i-Australia uma bedlalela eSuncorp. Yagcina ukunqoba ngo-2013. Empeleni kule nkundla isashaywe amaTest amathathu ngo-1956, 1971 no-2013.
Umdlalo uqale kuyiNingizimu Afrika ebihlasela kuvalwe amehlo emzini we-Australia. Akuzange kumangaze nakancane ngesikhathi ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiyamthanda Kolisi, ebeka itry ngomzuzu weshumi.
Aqhubekile amaBhokobhoko acindezela, engayiniki i-Australia ithuba lokuza engxenyeni yawo. Ngomzuzu ka-24 uPeter-Steph du Toit ushaye itry yesibili yamaBhokobhoko ahamba phambili ngo 14-0 ngemuva kwe-conversion. Bekuyi-try yesibili kaDu Toit uma ebhekene ne-Australia.
Nangemuva kokushaya le try iNingizimu Afrika ayizange iyeke ukucindezela iqembu lasekhaya. Ibilokhu ilihlasela ngamandla nobekwenza ukuthi lidale amaphenathi endaweni eyingozi.
Ingcindezi yamaBhokobhoko iphinde yathela izithelo ngomzuzu ka-35 ngesikhathi uKurt-Lee Arendse eshaya itry yesithathu yezivakashi. Bese kuyi-try yakhe ka-16 emidlalweni yeTest. Ziye ekhefini amaBhokobhoko ehamba phambili ngo 21-0.
Ngesiwombe sesibili i-Australia izamile ukubuya kodwa amaBhokobhoko angavuma ukudedela emuva. Kunalokho ibuyile iNingizimu Afrika emdlalweni, uKwagga Smith washaya itry ngomzuzu ka-62. Ithe isanambitha lokho iWallabies waqhamuka u-Arendse washaya itry yakhe yesibili ngomzuzu ka-64.
I-try yomthobanhliziyo yeWallabies uze noHunter Paisami ngomzuzu ka-76. Ukushaya ama-try eSuncorp kuyinto ezokwenza amaBhokobhoko abe nokuzethemba okukhulu kwiRugby Championship.