ISundowns ibolekisa ngo-R47 million eqenjini lase-Argentina
SIHLE NGUBO
Ngesikhathi efika kwiMamelodi Sundowns Sundowns, uMatias Esquivel, kugqame kakhulu imali ekhokhwe yileli qembu laseChloorkop ukuze limsayinise ngoJanuwari.
Lo mdlali ufike kwiSundowns kade evela kwiPrimera Division lapho abedlaleka khona iClub Atletico Talleres, okuyiyona azophindela kuyona.
Bekubabaza wonke umuntu ngokuthi iSundowns, engompetha beligi, ikhiphe u-R46.7 million ukuze lo mdlali wase-Argentina agcine efikile eChloorkop. Kuyaziwa nokho ukuthi leli qembu lingomacaphuna kusale, akuzweli nakancane kulona uma kukhulunywa ngemali.
U-Esquivel ubonakele ukuthi uyalazi ibhola emidlalweni engu-13 ayidlale kuBafana Ba’Style. Nokho lokhu kubukeka kungamenzelanga igama njengoba sekuvele ukuthi uyabolekiswa ngaphambi kokuthi kuqalwe isizini entsha yeBetway Premiership.
ISundowns ibolekisa ngo-R47 million wonke? Impela u-Esquivel uzobelekiswa eqenjini lase-Argentina iTalleres, unyaka wonke. KwiSundowns ubesahlale izinyanga eziyisithupha kodwa usebolekiswa unyaka kwiTalleres.
Lo mdlali kuvela ukuthi ulandwe yiSporting Director yeSundowns uFlemming Berg. Akwaziwa noma ubevumelene yini nobengumqeqeshi uRulani Mokwena njengoba ehambe bengasatholani noBerg, kubangwa bona abadlali.
Ukuhamba kuka-Esquivel kunika iSundowns ithuba lokubhalisa u-Abubeker Nassir, obengabhalisiwe kodwa ekhona eqenjini. Abadlali bangaphandle abakhona kwiSundowns uMarcelo Allende, uLucas Ribeiro Costa, u-Arthur Sales, u-Abdelmounaim Boutouil no-Erwin Saavedra.