I-PSL icacisa ngemidlalo yeligi yamaqembu azoyibamba kwiCaf
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) icacisa ngemidlalo yeBetway Premiership ethinta amaqembu azodlala imidlalo yeConfederation of African Football (Caf).
Kunokudideka kwabanye (kundakanya abezindaba) ukuthi kungani kunemidlalo evela kabili ohleni olukhishwe yiPSL ngoLwesine. Imidlalo eqaphelekayo ethinta iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, okungamaqembu azoyibamba kwiCaf Champions League.
Abaningi sebeqalile bagxeka iPSL ngokuveza le midlalo kabili ohleni lwemidlalo yePremieship. Nokho uFhatuwani Mpfumi okhulumela iPSL uyicacise kahle le nto.
“Uma ubheka usuku lokuqala lokuvula isizini, ngizothatha umdlalo owodwa lapho othinta iMamelodi Sundowns neSuperSport United,” kusho uMpfumi.
“Lowo mdlalo uhlelelwe ukuthi udlalele ngoMgqibelo ngoSepthemba 14. Nokho uma iSundowns kwenzeka ukuthi izodlala kwiCaf Champions League ngaleyo mpelasonto, lowo mdlalo uyobe sewuhlehlisela kolunye usuku okucushwe ngalo.
“Uma wehla nohlu lwemidlalo uzobona usuku okucushwe ngalo ukuthi kudlalwe lowo mdlalo oLwesibili uSepthemba 17. Kuzokwenzeka okufanayo nakwamanye amaqembu ePSL azobe ezimbandakanya emidlalweni yamaqembu yeCaf. Sethemba ukuthi kucacile.”
Umdlalo we-Orlando Pirates neChippa United, uhlelelwe ukuthi ube ngoSepthemba 14. Nokho uma lokho kuphazanyiswa ukuthi iPirates izodlala kwiChampions League ngaleyo mpelasonto, lowo mdlalo uyodlala ngosuku okucushwe ngalo okunguSepthemba 18.