EzakamuvaIbhola

UVilakazi uthembisa abeChiefs isiqalo esihle ngesizi entsha


SIHLE NGUBO

Umdlali weKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi, kumele ukuthi kumgqugquzele ukushaya amagoli amabili ngesikhathi iqembu lesizwe le-Under 20 lakuleli, lishaya iLesotho emidlalweni emibili yokuhlunga.

UVilakazi ushaye igoli ngesikhathi Amajita enqoba kwiLesotho ngo 3-1 ngoLwesihlanu olwedlule. Uphinde washaya elinye ngesikhathi bebhudluza izwe elifanayo ngo 4-0 ngeSonto.

Le midlalo iyingxenye yokulungiselela eyokuhlunga yeCAF Under-20 Africa Cup of Nations neyeCosafa Under-20 Championship, ezodlalwa ngenyanga ezayo. UVilakazi weneme ngendlela elidlale ngayo iqembu futhi kuyamjabulisa ukuthi ushaye amagoli amabili.

“Sidlale kahle kakhulu njengeqembu siholwa umqeqeshi wethu omusha uMdaka,” kusho uVilakazi kwi-website yeChiefs.

“Abaqeqeshi behlukile futhi ngikujabulele ukusebenza naye. Senze konke okusemandleni futhi sihlela ukuqhubeka nokusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi sinqoba imidlalo yethu, bese sizibekisele indawo emiqhudelwaneni emikhulu.”

Lo mdlali oneminyaka engu-18 useke wagxekwa ngokushaya izitayela ezingayi ndawo iChiefs ibhekene neYoung Africans, yaseTanzania, emdlalweni weToyota Cup ngenyanga edlule. Akungabazeki ukuthi ukudlala kahle kwelesizwe kuzomgqugquzela ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

“Ngifuna ukuthatha la mava bese ngethembe ukuthi ngizokwenza okufanayo uma sesiqala isizini entsha neKaizer Chiefs. Sizosebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi abalandeli bethu bajabule kusukela emdlalweni wokuqala wesizini ngoSepthemba,” kuphetha lo mdlali.

IChiefs izovula isizini ngokubhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoSepthemba 14.