EzakamuvaI-MTN 8

UTinkler uthi ezakhe, iChiefs neBucs kumele bayisukumele eyeDowns

SIHLE NGUBO 

Umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, uthi amaqembu afana nelakhe, yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kumele abhukule ukuze ancintisane neMamelodi Sundowns, ezidlela amahlanga esicocweni seligi njengamanje.

ISundowns seyidle isicoco seligi amahlandla ayisikhombisa kulandelana. Ngesizini edlule alikho nelilodwa iqembu ebeliqophisana nayo ekuthatheni isicoco njengoba ishaywe kanye kuphela emidlalweni yeligi.

Kube iyona iCape Town City eshaye ompetha beligi abebebukeka bezoqeda isizini bengayazi induku. UTinkler uthi kumele babhukule bakushintshe konke lokhu.

“Kumele sikhuphule izinga. ISundowns izihambela yodwa neligi njengamanje. Sonke, iPirates, iChiefs nabanye – kumele sikhuphule izinga lethu,” kusho uTinkler kwabezindaba.

“Kodwa akuthina njengabaqeshi kuphela. Yebo thina njengabaqeshi kumele sikhuphule izinga kodwa labo abangena enkundleni badlale akuthina, abadlali. Kumele bashintshe indlela abadlala ngayo.

“Uma ufuna kube nabalandeli enkundleni, nokuncintisana neSundowns, kumele ukhuphule izinga lakho uwedwa. Ngakho yilowo umyalezo esiwuthumelayo kubadlali.”

ICitizens izobhekana neBucs emdlalweni womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN 8 eDHL Cape Town Stadium, ngoLwesibili. Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iSundowns neStellenbosch FC, eLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu.