Akuhambanga kahle kuRulani neWydad kowokuvula
SIHLE NGUBO
Uvule ngokuthola isibhaxu umqeqeshi uRulani Mokwena kulandela ukuthi iqembu lakhe, iWydad Athletic Club, lishayiwe yiMaghreb Fez ngo 1-0, emdlalweni weBotola Pro, ngoLwesihlanu ebusuku.
Bekulindeleke ukuthi lo mqeqeshi ayivule kahle imidlalo yeligi uma kubhekwa ukuthi iqembu lakhe belenza kahle emidlalweni yokulungiselela isizini entsha. Nokho okuhlalukayo ukuthi imidlalo yobungani ayifani nhlobo nemidlalo ebalulekile esemthethweni.
UMokwena ushiye iMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule, ngemuva kokungaboni ngaso linye nabaphathi beqembu. Phakathi kwezinye izinto kuvele ukuthi abaphathi bebenganeme ngokuthi iqembu lihluleke ukuthatha iCaf Champions League, amasizini amabili elandelana.
Akuthathanga sikhathi ngemuva kokushiya iSundowns uMokwena wazitholela iqembu eMorocco. Ibe khona imibuzo ngokuthi uzokwazi yini ukuhlanganisa izinto kuleli qembu njengoba efike izinto ziyinhlakanhlaka kulona.
Ukuqala ngokushaywa kukaMokwena kuzomfakela enkulu ingcindezi. Kuzomele azame ukuvuka azithathe, neqembu lakhe, emdlalweni olandelayo. Enhla ne-Afrika umqeqeshi akanikwa ithuba elikhulu, basheshe bamkhombe indlela uma imiphumela ingaqhamuki.