ITheku lingase ligixabezwe ngowamanqamu weMTN8
SIHLE NGUBO
ITheku lingase lihlabane ngokusingatha umdlalo wamanqamu weMTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC, ngo-Okthoba 5.
Impempe ihletshelwe yinyoni ‘ecula kamnandi’ ukuthi iMoses Mabhida Stadium inethuba lokuphinde isingathe omunye wamanqamu njengoba kuhlale kwenzeka. Le nkundla kuba kancane kuphele unyaka ingazange ibe nomdlalo wamanqamu, futhi abalandeli baKwaZulu-Natal abaphoxi neze.
“Kuyavela ukuthi abaxhasi (iMTN) iTheku balithanda ukufa. Noma kungathiwa bekungadlali yona iPirates noma elinye lamaqembu amathathu amakhulu kodwa iTheku bayazifela ngalo,” kusho umthombo.
“Ekugcineni nabo bafuna kube khona okubuyayo ngoba bayibhizinisi. Emdlalweni weMamelodi Sundowns neBidvest Wits eMbombela ngo-2016, ayikho into etheni abayithola abaxhasi eMbombela Stadium.”
“Kusukela ngoMsombuluko kuya kuMgqibelo (emalokishini ehlukene eThekwini) kusuke konakele uma kuzodlala owamanqamu.”
Sekuke kwaba khona ukukhononda kubalandeli bakwezinye izifundazwe ngokuthi iMoses Mabhida ihlale ithola imidlalo yamanqamu. Le nkundla iyona okudlalelwe kuyona owamanqamu weCarling Knockout Cup, phakathi kweTS Galaxy neStellenbosch, ngesizini edlule.
Lokhu kukubeka kucace ukuthi iMabhida ayiyesweli imidlalo yamanqamu yemikhumulajezi ngoba ayiconsi phansi kubaxhasi. IBucs ifinyelele kowamanqamu weMTN8 ngokushaya iCape Town City emilenzeni emibili, kanti iStellies imangaze iSundowns kweyandulela owamanqamu. I-Pirates inethuba lokuvikela indebe yeMTN 8 okwesithathu kulandelana.