EzakamuvaI-MTN 8

U-Appollis ubingelele ngegoli kwiPirates benqoba oweMTN8

SIHLE NGUBO

Ubingelele ngegoli kwi-Orlando Pirates u-Oswin Appollis ngesikhathi iqembu lakhe elisha lishaya iPolokwane City ngo 2-0 kwi-quarterfinal yeMTN8, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo.

Lo mdlali ubeqala ukugqoka imibala yeBucs njengoba efike kuyona evela kwiPolokwane ngenyanga edlule.

Ukushaya igoli emdlalweni wokuqala, ebhekene neqembu lakhe lakudala, kufanele ukuthi kuzomnika ukuzethemba okukhulu lo mdlali weBafana Bafana.

Igoli lokuvula inkundla lize no-Appollis ngomzuzu ka-12 kulandela ibhola elihle ebelivela kuSihle Nduli.

U-Appollis ubewuhlupho kubadlali basemuva beCity abebehluleka ukumvimba.

Kugcine konakele ngesikhathi bedlalisa kabi lo mdlali (u-Appollis) ebhokisini, unompempe wayikhomba emlotheni.

UPatrick Maswanganyi uyibeke phakathi iphenathi ngomzuzu ka-35, iBucs yahamba phambili ngo 2-0.

ICity ibizama ukubuya kodwa akukho okutheni ekwenzile ngesiwombe sokuqala, zaze zaya ekhefini.

Isiwombe sesibili isiqale kahle iCity izama ukuthola igoli nokuholele ekutheni ithole amakhona elandelana.

Nokho iPirates ayivumanga ukudedela igoli yize ibinengcindezi emizuzwini yokuqala yesiwombe sesibili.

U-Appollis uthintekile ngomzuzu ka-60, kwangena uTshepang Moremi endaweni yakhe.

Kuphinde kwaphuma noBoitumelo Radiopane indawo yakhe ethathwe uYanela Mbuthuma.

Umdlalo uthande ukwehla ngasemizuzwini engu-20 yokugcina kodwa iPirates bese yenze okwanele ukudlulela kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.

ICity isahlulekile ukushaya igoli emidlalweni emine edlule uma ibhekene nePirates.

Amaqembu azobhekana kowamanqamu azoqhathwa ngeSonto ntambama ngemuva komdlalo weMamelodi Sundowns neRichards Bay FC. Lo mdlalo uqala ngo-6 ntambama.