OwePirates akafuni bayibhayizele iJwaneng koweChampions League
UJose Riveiro, oqeqesha i-Orlando Pirates, wazi kahle ukuthi akumele bayeye iJwaneng Galaxy yaseBotswana, emdlalweni womlenze wokuqala weCaf Champions League, ngoMgqibelo.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni wokuhlunga iqembu elizongena kweyamaqoqo, eBotswana National Stadium, ngo-4 ntambama. Umdlalo uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC.
Leli qembu laseBotswana liyigile igoda iBucs ngesizini edlule liyiwashisa ijezi kwiChampions League. Ngemuva kwemilenze emibili zazibambene ngo 1-1 kwase kushaywa amaphenathi iGalaxy yanqoba ngo 5-4.
EZimnyama zidlulele phambili ngokushaya iDisciples FC yaseMadagascar ngo 4-0 emlenzeni wesibili, e-Orlando Stadium. Umlenze wokuqala waphela ngo 0-0 eMadagascar.
“Sizilungiselele futhi siyazazi izinselelo esizobhekana nazo ngoMgqibelo,” kusho uRiveiro kwabezindaba eBotswana.
“Sisezingeni elihlukile uma uqhathanisa nonyaka odlule njengoba sineqembu elihlukile. Ngakho sikulungeke ukudlala ngoMgqibelo.
“IJwaneng Galaxy ayibona ompetha ngenhlanhla, ilimele kahle izwe ngesizini edlule. Siyabahlonipha kakhulu, hhayi ngenxa yalokhu okwenzeka ngesizini edlule.
“Umlenze wokuqala ungoMgqibelo bese ngemuva kwesonto kube owesibili e-Orlando Stadium. Sifuna ukuba yiqembu elingcono sizibekisele indawo kweyamaqoqo.”
Ukudlala imidlalo yeChampions League kuchaza ukuthi iPirates ngeke uyiqale eyeBetway Premiership njengoba lusuku ushikishi ngempelasonto.