IDowns ingase ibhiyozele ukunqoba iligi ngokugxoba iChippa
SIHLE NGUBO
IMamelodi Sundowns ingase iqinisekise ukuba ngompetha beBetway Premiership ka-2024/2025, uma inqoba noma idlala ngokulingana neChippa United emdlalweni weligi eBaffulo City Stadium, e-East London, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Ukuhlanganisa amaphuzu amaphuzu angaphezulu kuka-67 kuzochaza ukuthi alikho elinye iqembu elizofica Abafana Ba’Style ngamaphuzu kule sizini.
ISundowns izobe iyinqoba okwesishiyagalombili kulandelana iligi, futhi alikho iqembu elake lenza lokho emlandweni wePremier Soccer League (PSL).
Nokho ezikaMiguel Cardoso ziyoze ziyinikwe ngokusemthethweni indebe yeBetway Premiership (engaziwa nokuthi injani) ngoMeyi 18 uma sezibhekene meMagesi FC, emdlalweni wokugcina eLoftus Stadium, ePitoli.
Imidlalo yokuvala isizini ingoMeyi 24 kodwa iSundowns izowudlala ngeSonto owayo, ngoba ilungiselela ukubhekana nePyramids SC yase-Egypt kowamanqamu weCAF Champions League, eLoftus Stadium, ngoMeyi 24.
Kuzobe kungemlenze wokuqala lona njengoba owesibili uzodlalelwa e-30 June Stadium, eCairo, ngoJuni 1.
Mayelana nomdlalo abazowudlala neChilli Boys uDenis Onyango, ongunozinti weSundowns, uthe ngeke bazithambise nakancane.
“Sidlala neChippa ngemuva kokudlala nayo ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ePitoli,” kusho u-Onyango.
“Amalungiselelo ahamba kahle, kudingeke ukuthi siziqeqeshe ebusuku ngenxa yokuthi besisendleleni (esuka ePitoli).
“Kodwa konke kuhamba kahle, siyazi umsebenzi ophambi kwethu ukuthi sinqobe umdlalo. Akukho ukuhlehla kulokho.”
Ngeledlule iDowns ibhaxe kabuhlungu iChilli Boys ngo 3-0 eLoftus Stadium. Izobheka ukuqhubeka lapho bese iqukula indebe yePremieship ngoLwesithathu.
“Njengeqembu sifuna ukunqoba imidlalo njengoba silungiselela umdlalo wamanqamu weChampions League,” kuqhuba u-Onyango.
“Uma silokhu siqhubeka nokunqoba sizofika sinokuzethemba kowamanqamu weChampions League. Ngakho sifuna ukunqoba umdlalo weChippa bese sibheke kowamanqamu.”

