IBetway Premiership

ISundowns izozama ‘ukuvala imbobo’ ngokushaya iCityzens

SIHLE NGUBO

Ompetha beligi, iMamelodi Sundowns, bazozama ukuvala umgodi osewumbiwe yi-Orlando Pirates ohlukanisa la maqembu esicongweni selogi yeBetway Premiership.

Abafana Ba’Style bazokwamukela iCape Town City emdlalweni wePremiership eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

ISundowns iya kulo mdlalo nje igebe phakathi kwayo nePirates selingamaphuzu ayisithupha. IBucs ishaye iTS Galaxy ngo 2-0 ngoLwesibili, yaqinisa indawo yayo esicongweni selogi.

EzikaManqoba Mngqithi zona zilahle amaphuzu ngempelasonto edlule ngesikhathi zithelwa othulini yiPolokwane City ngo 1-0 koweligi.

UGrant Kekana, oyisitobha seSundowns, wazi kahle ukuthi kumele bavuke bazithathe kodwa akumele bayeye iCityzens.

“Silindele umdlalo onzima. Bayiqembu elilwayo futhi basayinise abadlali abahle kule sizini,” kusho uKekana.

“Abayiqalanga kahle bona isizini kodwa siyazi ukuthi bayiqembu elihle, ngakho nathi kumele sizimisele.”

ICityzens isendaweni ka-11 kwilogi yePremieship. Emidlalweni emine isanqobe owodwa yadlala ngokulingana emibili, yase ishaywa kowodwa.

“Ngokwamalungiselelo ngicabanga ukuthi kuhamba kahle. Nokho sisashayekile kancane ngokushaywa kwethu ngempelasonto,” kusho lo mdlali weBafana Bafana.

“Kodwa sizozama ukwenza kangcono njengoba sibheke emdlalweni weCity. Asenzanga kahle uma kukhulunywa ngesivinini sebhola nokukhahlelela ipali.

“Yizinto ebesishoda ngazo lezi emdlalweni odlule kanti yinto engajwayelekile kithina. Sizozama ukukulungisa lokho, sethemba ukuthi sizothola umphumela ongcono kunowangempelasonto.

“Siyazi ukuthi yini elindelwe kithina. Sazi kahle ukuthi yini esuke ilindelekile kithina njalo uma singena enkundleni – ukutholela iSundowns imiphumela emihle.

“Asizange sikwenze lokho emdlalweni odlule ngakho sibheke ukukwenza uma sesidlala umdlalo olandelayo.”