Motsepe Foundation Championship

Owalaxaza iChiefs usejoyine ‘amaKruger’ eChampionship

SIHLE NGUBO

UGeorge Maluleka owalaxaza iKaizer Chiefs ngo-2020 usezogijima kwiMotsepe Foundation Championship, kulandela ukusayina kwiKruger United yaseMpumalanga.

Lo mdlali wasesiswini wayeshaya into ecokeme kuMakhosi ngesikhathi elishiya, futhi iqembu lalenza kahle kakhulu emidlalweni yeligi. Empeleni iChiefs yayibukeka izosinqoba isicoco seligi kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.

Inkontileka kaMaluleka neChiefs yayizophela ngoJuni ka-2020. Iqembu lazama ukuba nezingxoxo nalo mdlali mayelana nokuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.

Nokho kwagcina kungavunyelwananga kwase kuvela ngoMashi ukuthi uMaluleka wayesesayine inkontileka yesibambiso neMamelodi Sundowns. Imidlalo yePremieship yaphazanyiswa yiCovid-19, yangaphela ngesikhathi okwakumele iphele ngaso ngoMeyi.

Nokho uMaluleka wayishiya iChiefs ingakapheli isizini, wajoyina iSundowns. Abalandeli beChiefs namanje bakholwa ukuthi ukuhamba kukaMaluleka kwalikhinyabeza kakhulu iqembu.

Lo mdlali akadlalanga imidlalo eminingi kwiSundowns nokuholele ekutheni agcine eye kuMaZulu FC. Nakhona izinto zifike zangahlangana kahle wagcina ehlukene neqembu ekupheleni kwesizini edlule.

IKruger United inyukele kwiChampionship kulandela ukufinyelela kowamanqamu wemidlalo yokuhlunga  ye-ABC Motsepe League ekupheleni kwesizini edlule.

“IKruger United Football Club inentokozo ukumemezela uGeorge Maluleka. Lo mdlali oneminyaka engu-35 ufika namava eqenjini njengoba eke wadlalela iKaizer Chiefs, iSuperSport United naMaZulu,” kusho isitatimende seKruger.

“Isizwe samaKruger siyakwemukela emndenini futhi sikufisela okuhle kodwa. Siyakwemukela Maluleka.”

Akwaziwa noma uMaluleka uzodlala yini uma iKruger seyibhekene neBaroka FC ngempelasonto.