UMazinyo udalula isamba sokudayisa imidlalo konompempe kwiChampionship
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weCape Town Spurs FC, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, uthi yena unolwazi lokuthi onompempe bayakhokhelwa kwiMotsepe Foundation Championship, ukuze bashintshe imiphumela yemidlalo.
Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide, okuwuhlelo lukaRobert Marawa.
Iqembu eliqeqeshwa uMiddenpord, i-Urban Warriors, lisanda kudliwa yizembe kwiChampionship layositha kwi-ABC Motsepe League.
Ekupheleni kwesizini ka-2023/2024 iSpurs idliwe yizembe kwiBetway Premiership iqeqeshwa uyena uMazinyo.
ISpurs yayikade inyukele kwiPremiership iqeqeshwa uShaun Bartlett, waxoshwa phakathi nesizini imiphumela ingasavumi.
Leli qembu belifake icala ngomdlali uSaziso Magawana weDurban City, ukuthi ubengafanele ukudlala ngesikhathi bebhekene emdlalweni wokugcina wesizini.
Kulo mdlalo kunqobe iCity ngo 1-0 okube sekuchaza ukuthi iSpurs iyodlala kwi-ABC Motsepe League njengoba iqede endaweni yesibili kwilogi ukusuka emsileni.
ISpurs neJDR Stars, ebifake icala ngomdlali ofanayo, libachithile icala kwathiwa abakhokhe zonke izindleko zokuhlalelwa kwalo.
Nokho uMiddendorp uthe kubole phuhlu kwiChampionship futhi akuyona into ayizwa ngabantu leyo.
“Ngesikhathi kuqhubeka isizini bathola (onompempe) ama-SMS. Ukhokha u-R30 000 ukuze uwine umdlalo, bese kuba u-R15 000 ukudlala ngokulingana,” kusho uMiddenpord.
“Onompempe basukelwa abaphathi bamaqembu nezimenenja. Yilokho okwenzeka emakete.
“Sengike ngayibona i-SMS ngikhonjiswa abaphathi beqembu lami.”
Akuqali ukuthi kunukwe onompempe ngokudayisa imidlalo kulesi sigaba.
Nokho iSouth African Football Association (Safa) akukho eyake yakuphawula ngalokhu, izivikela ngokuthi ayinabo ubufakazi obuphathekayo.

