i-Currie Cup

ISharks izofika kwiLions amazinyo ebukhali koweCurrie Cup


SIHLE NGUBO 

I-Hollywoodbets Sharks izoya emdlalweni wamanqamu weCarling Currie Cup, lapho izobhekana ne-ADT Lions, e-Emirates Airline Park, ukuzethemba kuphezulu kakhulu.

Leli qembu laseThekwini lidlale imidlalo eyisishiyagalombili lingashaywa kulo mqhudelwano, kumbandakanya nomdlalo lapho lishaye khona iLions ngasekupheleni kukaJulayi. Iwona wodwa umdlalo elishaywe kuwona leli qembu laseGoli kweyamaphuzu.


Iphini lomqeqeshi kwiSharks, uWarren Whitely, lazi kahle ukuthi babhekene nenselelo enkulu yize iqembu lenza kahle.


“Siyaziqhenya ngomzamo  nakho konke okukhonjiswe emdlalweni owandulela owamanqamu ngeSonto eledlule, manje sesikowamanqamu okuyinto enkulu nethuba elihle kithina,” kubeka uWhitely.


“Nokho silakhe kahle iqembu emasontweni edlule. ILions iyiqembu elihle yikho besesicongweni selogi, futhi lokho sebekukhombisile kulo mqhudelwano.


“Kuzoba isivivinyo esikhulu kithina kodwa yilesi esifuna ukubhekana naso ngqo. Umdlalo wamanqamu lo ngakho siyawuhlonipha kakhulu, sifuna ukuqhakambisa usiko lweCurrie Cup.”


Umqeqeshi weqembu uJohn Plumtree akaliphazamisanga kakhulu iqembu elidlale kowandulela owamanqamu. Wenze izinguquko ezimbili kuphela, phambili nasemuva.

UPlumtree ufake u-Emmanuel Tshituka kunombolo 8, endaweni kaPhephsi Buthelezi, kanti uJurenzo Julius uzobuya kunombolo 13 lapho ezobambisana no-Andre Esterhuizen maphakathi (kunombolo 12).

I-Hollywoodbets Sharks XV:
1.    Ntuthuko Mchunu
2.    Fez Mbatha
3.    Hanro Jacobs
4.    Corne’ Rahl
5.    Emile van Heerden
6.    James Venter
7.    Vincent Tshituka (c)
8.    Emmanuel Tshituka
9.    Bradley Davids
10.    Siya Masuku
11.    Ethan Hooker
12.    Andre Esterhuizen
13.    Jurenzo Julius
14.    Eduan Keyter
15.    Jordan Hendrikse


Ebhentshini:
16.    Dylan Richardson
17.    Trevor Nyakane
18.    Mawande Mdande
19.    Jason Jenkins *
20.    Gerbrandt Grobler
21.    Tinotenda Mavesere
22.    Tian Meyer
23.    Lionel Cronje