Motsepe Foundation Championship

UMaluleka ubethembisa lukhulu abadlali beKruger United

SIHLE NGUBO 

Uthembisa ukufika nesinongo esihambisana namava eminyaka kwiKruger United, uGeorge Maluleka osanda kusayina kuleli qembu.

UMaluleka usayine maphakathi nesonto kuleli qembu laseMpumalanga eligijima kwiMotsepe Foundation Championship. ‘AmaKruger’ anyukele kulesi sigaba ngemuva kokufinyelela kowamanqamu wemidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe League ekupheleni kwesizini edlule.

Le njini yasesiswini akungabazeki ukuthi kukhulu ezokufundisa abafana beKruger. UMaluleka useke wadlala kwiSuperSport United, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns naMaZulu FC, agcine ukubonakala kuwona ngesizini edlule.

“Ngijabule kakhulu. Amajita (abadlali) angemukele kahle ngizizwa sengathi ngisekhaya,” kusho uMaluleka oneminyaka engu-35.

“Ngizizwa sengathi sengibe lapha amasonto amaningi kodwa kuseyisonto lami lokuqala. Konke kuhamba kahle okwamanje futhi ukutholana kuhle kimina namajita. Ngesese.”

IKruger seyidlale imidlalo emithathu kwiChampionship njengawo wonke amaqembu. Inqobe owodwa, yadlala ngokulingana owodwa, yase ishaywa komunye.

Kulindeleke ukuthi ukufika kukaMaluleka kubafukule abadlali kuqala ngomdlalo abazowudlala neBaroka FC eBaroka FC Village, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Kubalulekile kimina ukuthi ngibe umuntu kuqala ngaphandle kwamava engifika nawo,” kuqhuba uMaluleka.

“Ukugqugquzela kuwukhiye kimina kodwa futhi kumele ngiphonse itshe esivivaneni. Kumele ngibafundise izinto ezithile ezibalulekile kodwa nami ngifake izandla.

“Ukwenza izinto ngokubambisana nokuba ndawonye yikona engikuzele lapha. Ukubakhombisa ukuthi konke kuyenzeka ngoba nami yilapho ngaqala khona njengomfana omncane. Kumele ngiwaphushe amajita.”