Ngabe uSaile uzosinda ekubolekisweni yiChiefs?
SIHLE NGUBO
Ukwentuleka kwabagadli eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana kungase kusindise uChristian Saile ekubolekisweni yiKaizer Chiefs.
Eziputshuka eNaturena zithi lo mgadli waseCongo ubezoba yimbuzi yomhlatshelo, abolekiswe, uma iChiefs ithola umgadli wangaphandle.
Iwindi lokusayinisa abadlali liyavala ngoLwesihlanu (ngoSepthemba 20) nokuyilapho kuzocaca khona ukuthi uSaile uyahlala yini kuMakhosi noma udeda indawo ukuze kusayiniswe omunye umdlali wangaphandle.
Njengamanje iChiefs inabadlali bangaphandle abahlanu okuchaza ukuthi ngeke ikwazi ukwengeza ngokunye imbhalise.
IChiefs isanda kusayinisa uFiacre Ntwari osuka kwiTS Galaxy, no-Inacio Miguel wase-Angola. Laba badlali bafice kukhona uChristian Saile waseCongo, u-Edson Castillo waseVenezuela, noThatayaone Ditlhokwe, waseBotswana. U-Edmilson Dove noGaston Sirino banabo ubuzwe baseNingizimu Afrika.
Kubagadli asebeke bamataniswa neChiefs kukhona u-Aziz Ki weYoung Africans yaseTanzania. Nokho mancane amathuba okuthi athushuke kwiChiefs ngoba ufuna izinto eziningi nezinkulu.
Okunye okuvelayo ukuthi ukungamtholi umgadli kweChiefs kungase kumise u-Ashley du Preez ekutheni aye phesheya njengoba kukhona iqembu elimfunayo.
Kuthiwa iVictoria SC yasePortugal izimisele ngokukhipha u-R40 million ngalo mdlali onejubane. IChiefs ibamba iyayeka ngokumdedela ngoba ayimile kahle kumafolosi.
Omunye umdlali obhekwe ukuthi uzophelela kuphi u-Oswin Appollis wePolokwane City. Lo mdlali imfuna eNaturena iChiefs kodwa isimbanga nompetha beligi iMamelodi Sundowns, kanjalo ne-Orlando Pirates.