Motsepe Foundation Championship

‘AmaKruger’ abuyele endaweni yesibili ebambana neJDR Stars

SIHLE NGUBO 

I-Kruger United ibuyele endaweni yesibili kwilogi yeMotsepe Foundation Championship, kulandela ukubambana neJDR Stars ngo 0-0 eGiant Stadium, eSoshanguve, ngoMgqibelo.

Lo mphumela uchaza ukuthi igebe phakathi kweVillage Boys neDurban City selingamaphuzu amahlanu. Nokho iqembu laseThekwini lisazodlala umdlalo walo ka-26.

Umdlalo uqale kuyiKruger ebeyimpintshele iJDR ekhoneni emizuzwini emine yokuqala.

Ngaleso sikhathi iVallage Boys ithole amakhona amabili kodwa yehluleka ukushaya igoli.

Kunalokho kube yiqembu lasekhaya elicisho lashaya igoli lapho ibhola lishaywe ipali esesele unozinti.

Ngemuva kwalokho bese kuhlupha iHammers, kugqame kakhulu uHlophe obedlula kubadlali beKruger sengathi ummese usika ibhotela.

Noma kunjalo iqembu lasekhaya lihlulekile ukusebenzisa amathuba eliwatholile zaze zaya ekhefini kungu 0-0.

Nangesiwombe sesibili kugqame ukugeja kuwona womabili amaqembu njengoba ewatholile amathuba okushaya amagoli.

UDarrel Matsheke, owake wayibamba kwiKaizer Chiefs neStellenbosch FC, ugeje igoli elilula ngomzuzu ka-76, ebelingenza iKruger ibuye namaphuzu amathathu.

Ngoka-82 bekubukeka sengathi uDingaan Maphosa ulibeke enethini kodwa ibhola laphuma kancane eceleni kwepali.

ULehlohonolo Nonyane ushaye imbumbulu ngomzuzu ka-90 kodwa unozinti weJDR Star wayichitha kwaba yikhona.

Kuvele kwacaca ukuthi amagoli awekho, ahambe nabaye ePhasikeni, umdlalo wagcina uphele ngo 0-0.