IBetway Premiership

IChiefs ibuyise izinduku ibhonya Usuthu

SIHLE NGUBO 

IKaizer Chiefs ibukise ngaMaZulu FC iwathela induku ka 3-1 enkundleni yawo emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.

Amakhosi avele alusheshisa Usuthu ehlohla amagoli amathathu ngesiwombe sokuqala. Kuvele kwacaca ukuthi iqembu lasekhaya belihluleka ukumelana nezivakashi.

Umdlalo ubushesha kakhulu kucaca ukuthi alikho iqembu ebelifuna ukuhlala emuva. Igoli ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-12 kanti lize noRanga Chivaviro, othole iphasi enhle ebivela ku-Inacio Miguel.

Kuphele imizuzu emibili kuphela yabuya iChiefs yashaya igoli lesibili elize noGaston Sirino ngomzuzu ka-14. Ivele yahlanya iChiefs ngemuva kwalokho uMiguel wangqofela phakathi igoli lesithathu ngomzuzu ka-23.

Isiwombe sesibili asibanga sibi eqenjini lasekhaya njengoba lithole igoli lokuvala igebe elize no-Etiosa Ighodora. Nokho umonakalo bese uvele wenzekile. UNasreddine Nabi ngeke ajabule ngokuthi iqembu lehlise izinga ngesiwombe sesibili.

Ukunqoba kweChiefs kufana nokubuyisa izinduku kuMaZulu ayibhaxabula ngo 4-0 ngoJanuwari ka-2023. Kulowo mdlalo abadlali ababili ababesuke kuMakhosi, uDumisani Zuma noRamahlwe Mphahlele, bashaya amagoli.

Amanye amabili abekwa phakathi uJunior Dion noBongi Ntuli, ongasekho. Nakuwona lo mdlalo zaya ekhefini sekungu 3-0.

NgoMgqibelo iChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weligi okulindeleke ushise. Ompetha beligi badedela isibhaxu sika 4-0 kwiMarumo Gallants ngoLwesibili.