IBetway Premiership

IDowns ibuyise izinduku icisha ugesi weMagesi koweligi

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns iziphindisele kwiMagesi FC ngesikhathi iyishaya ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Leli qembu, elingomakoti kwiPremiership, liphoxe iSundowns kanzima liyishaya ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout nyakenye.

Umphumela walo mdlalo wabashiya bephoxeke kakhulu abalandeli baleli qembu laseChloorkop. Akungabazeki ukuthi bajabulile ngokubuyisa izinduku ePeter Mokaba Stadium.

Ompetha beligi bawuqale kahle umdlalo kodwa bekulokhu kungacaci uma sebefike endaweni eyingozi, sekumele bakhahlele.

Kube sekuvuka omakoti badlala ibhola elihle behlasela izivakashi. Kugcine konakele ngomzuzu ka-12 uWonderboy Makhubu elingqofela phakathi, yahamba phambili iMagesi.

Ngaleso sikhathi beyixega kakhulu iSundowns emuva futhi beyenza amaphutha elandelana. Nokho iMagesi ayikusebenzisanga lokho ukuthi ishaye igoli lesibili, zaze zaya ekhefini kungu 1-0.

Nangesiwombe sesibili iMagesi iyona ecisho yashaya igoli kuqala kodwa yasinda ngokulambisa iSundowns.

Ukungawasebenzisi amathuba kweMagesi kwenze iSundowns yabuyela emdlalweni, yadlala kangcono. Ngomzuzu ka-64 Abafana Ba’Style balitholile igoli lokulinganisa kanti lize noLucas Ribiero.

Ngemuva kwalokho izinto zishintshe kakhulu sekuhlasela iSundowns nokugcine ngokuthi uTashreeq Matthews, obesuka ebhentshini, ashaye igoli ngomzuzu ka-86.

Ngasekupheleni komdlalo uDivine Lunga weSundowns noSamuel Darpoh weMagesi, bathole amakhadi abomvu emunye ngenxa yokulwa.

Ukunqoba kweSundowns kuqinisa indawo yayo esicongweni. Seyizihola phambili ngamaphuzu ayisithupha kodwa i-Orlando Pirates esendaweni yesibili ingemuva ngomdlalo owodwa.

IMagesi yona isadonsa kanzima ngasemsileni futhi ayiphephile nakancane ezembeni.