IBetway Premiership

UDu Preez ungene washintsha izinto kunqoba iChiefs

SIHLE NGUBO 

Kulamule u-Ashley du Preez iKaizer Chiefs ishaya iMagesi FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

IChiefs ayidlalanga kahle esiwombeni sokuqala kulo mdlalo yize ibhola belikuyona isikhathi esiningi.

Nayo iMagesi ayizange ifike nakanye emapalini  kaBruce Bvuma, ngesiwombe sokuqala, ukuyobuza ukuthi ukhona yini.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili uNasreddine Nabi ufake uDillon Solomons, uGeorge Matlou noMduduzi Shabalala. Kuphume uYusuf Maart, uReeve Frosler noNjabulo Blom.

Ngemuva kwalokho umdlalo uye washintsha kakhulu Amakhosi akhombisa ukuthi adlalela ekhaya.

Nokho igoli belilokhu lingaqhamuki nobekwenza ukuthi balandeli beChiefs bangakhululeki.

Igoli ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-69 kanti lize no-Ashley du Preez. Lo mdlali ungene esuka ebhentshini endaweni kaRanga Chivaviro.

Umdlali oqokwe njengomdlali ovelele kube uGlody Lilepo okunguyena ogobe ibhola elishaywe uDu Preez.

Lo mdlali waseCongo uthe: “Umdlalo uthande ukusidida kodwa besidinga ukubeka imiqondo kuwona.

“Lokhu kuzosinika ukuzethemba kakhulu ukuya phambili emidlalweni elandelayo.”

Ukunqoba kweChiefs akuyishintshanga indawo ehleli kuyona njengoba isahlaleli endaweni yesishiyagalombili kwilogi yePremieship, ngamaphuzu angu-28.

IMagesi nayo isahlezi endaweni yesibili ukusuka emsileni. Lokhu kwenza leli qembu elingompetha beCarling Knockout lingaphephi nakancane ezembeni.