OweDowns uxwayisa iChiefs koweligi eFNB Stadium
SIHLE NGUBO
Ubona kungekho okushintshile kwiMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, ongumdlali wasemuva waBafana Ba’Style.
Ukhuluma kanjena nje lo mdlali iSundowns izovakashela iKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Lo mdlalo ungomkhulu kwezodlalwa kwiPremiership kule mpelasonto. Nokho uKekana uvumile ukuthi iChiefs abazobhekana nayo ayifani nhlobo neyangesizini edlule.
“Kuyajabulisa. Kuzoba umdlalo omnandi nonzima,” kusho uKekana esithangamini nabezindaba.
“IKaizer Chiefs yenza kahle njengamanje kodwa siyakholelwa futhi siyayethemba indlela esenza ngayo izinto.
“Indlela yethu yokucabanga ayikashintshi. Sifuna ukunqoba yonke imidlalo.”
Egcina ukuhlangana la maqembu iSundowns yabhaxabula iChiefs ngo 5-1 kowePremiership ngesizini edlule, ngaphansi komqeqeshi oseshiyile, uRulani Mokwena.
Nokho iChiefs ibukeka ihlangana njengoba seyicijwa umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi. Isayinqobe yomibili imidlalo yeligi esiyidlalile, nokwenza ilingane neSundowns nayo esinqobe kabili.
Kulo mdlalo kuzobhekwa kakhulu uGaston Sirino okuzobe kungokokuqala ukuthi abhekane neSundowns ayishiye ekupheleni kwesizini edlule.
Lo mdlali ufike kwabonakala kwiChiefs njengoba eshaye igoli ngesikhathi inqoba ngo 3-1 kuMaZulu phakathi nesonto.
ISundowns nayo iya kulo mdlalo ukuzethemba kuphezulu kulandela ukubhaxabula iMarumo Gallants ngo 4-0.