Ochithwe yi-Arrows uyihlawulise ngegoli esekwiSekhukhune
PHILI HLONGWANE
Umdlali oneminyaka engu-28, uMncedi Vadala, owazakhela igama kwi Summerfield Dynamos engijima kwi-ABC Motsepe yaKwaZulu-Natal ngesizini ka-2021/2022, kuvela ukuthi kungani evumbuke kwiSekhukhune United.
ISummerField Dynamos yangena kwiLast 32 yeNedbank Cup ngenkathi iholwa umqeqeshi uClinton Larson. UVandala ungomunye wabadlali ababa nohlonze kulo mjaho weNedbank Cup. Baphuma kwiLast 8 ngenkathi beshaywa iMamelodi Sundowns.
Lo mdlali usuke kwiSummerfield Dynamos waya kodlalela iMagesi FC ebikade igijima kwiMotsepe foundation. Nakhona ufike washaya amgoli ayishumi kwiMagesi.
IMagesi FC ibe seyinyukela kwiBetway Premiership ngemuva kokudla umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini edlule.
Ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025 kuvele izindaba zokuthi iqembu limdedelile nabanye abadlali. Lokho kuthuse abantu abaningi.
Umthombo othembekile wazise Impempe ukuthi uVadala akazange adedelwe iqembu iMagesi FC.
“UMncedi (Vadala) wathola amadlelo aluhlaza eThekwini. Lapho kwafika isikhulu sizomsayinisa ngaphandle kokutshela omunye umuntu,” kusho umthombo weMpempe.
“Wasayina ngoJulayi kanti wayeyingxenye yabadlali abakwiPremier’s Cup (Olundi).
“Umqeqeshi (we-Arrows) wakubeka kwasobala ukuthi akekho ezinhlelweni zakhe zakule sizini. Lokho kwamushiya dengwane ngoba nezikhulu zeMagesi zathi ngeke zisakwazi ukusebenzisana naye.”
U-Vandala usethole ikhaya elisha kwiSekhukhune. Ngempelasonto bebebhekene ne-Arrows washaya igoli lakhe lokuqala kule sizini emidlalweni emibili aseyidlalile.