I-MTN 8

Usale edangele oweStellies ngesinqumo sikanompempe koweMTN8

SIHLE NGUBO 

Yize engafunanga ukwanda kakhulu ngamazwi kodwa umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uzwakalise ukuphoxeka ngesinqumo sikanompempe ngemuva kokuthi beshaywe yi-Orlando Pirates ngo 3-1.

Kulo mdlalo wamanqamu weMTN8, obuseMoses Mabhida Stadium, bekubukeka sengathi kuzoyiwa esikhathini esengeziwe kungu 1-1 kodwa konke kwashintsha emizuzwini yokugcina.

Konke kuqale ngesikhathi unompempe, u-Abongile Tom, ebeka ifree kick ngemuva kokudlaliswa kabi kukaPatrick Maswanganyi ngomzuzu ka-90.

Uthe esalele phansi uMaswanganyi, nebhola liphambili kunalapho ebelele khona (mhlawumbe ngamamitha amahlanu) balisusa abePirates, washaya igoli uTshegofatso Mabasa.

Bekulindeleke ukuthi uTom ashaye indweba yokuthi ibhola lisuswe endaweni okungeyona kodwa lo nompempe wathi yigoli, bajabula kanjalo abadlali bePirates.

Ngemuva kwalokho abadlali beStellenbosch bazamile ukukhalaza konompempe kodwa waphikelela nokuthi yigoli, ebakhomba enkabeni yenkundla ukuthi bayosusa ibhola.

Ukuzama ukuthola igoli lokulinganisa ngokushesha, sebebona isikhathi siphela, kwenze ukuthi bavuleke emuva abeStellies.

Lokhu kuholele ekutheni iBucs ishaye igoli lesithathu elize noRelebohile Mofokeng ngomzuzu wokugcina wesikhathi ebesengezwe unompempe.

UBarker, obebhalwe ukuphoxeka ebusweni, akakufihlanga ukuthi okwenzeke ekugcineni komdlalo kumephule umoya.

“Izinto ezifana nalezi ziyawubulala umdlalo webhola,” kusho uBarker kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Okokuqala akuyona ifree kick. Okwesibili unompempe ubesakhuluma nabadlali. Okwesithathu ithathwe endaweni okungeyona.

“Yini engingayisho, akukho okungaphezulu kwalokho.”