OweBanyana uchaza eyokukhuhlisa uDlamini ibhentshi
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesree Ellis, ucacisa ukuthi kungani ebengamdlalisi u-Andile Dlamini ongunozinti weMamelodi Sundowns.
Ukhulume ngalokhu ngesikhathi ememezela iqembu lakhe elizobhekana neDenmark ne-England emidlalweni yobungani ngo-Okthoba 25 ngo-Okthoba 29.
Iqembu lakuleli lizobhekana neDenmark, e-Aalborgh Stadium, eDenmark, ngo-6 ntambama. Lizobe selibhekisa amabombo kwelamaNgisi lapho lizobhekana ne-England ngo-Okthoba 29, eCoventry Building society arena, ngo-9.45pm.
U-Ellis usegxekwe kakhulu ngokungamdlalisi uDlamini kodwa uchazile ukuthi akananxa nakancane nalo nozinti.
“Ngiyazi ukuthi ngesikhathi sidlala kwiNdebe yoMhlaba (nyakenye) abantu babesho okuningi ngokungadlaliswa kuka-Andile (Dlamini),” kusho u-Ellis kwiSABC Sport.
“Ngaleso sikhathi wayengadlali (eqenjini lakhe) kodwa samfaka eqenjini ngenxa yamava anawo. Namanje kuseyisimo esifanayo (ukuthi akadlali) kodwa simfakile eqenjini ngoba sidinga amava akhe.
“Imidlalo ebalulekile le, akukona ukuthi sizodlala imidlalo nje. Lapha sikhuluma ngeDenmark ne-England.”
UDlamini ubanga ijezi noKaylin Swart kwiBanyana. Abalandeli abaningi babekhala ngokuthi uSwart unamaphutha enzela phansi iqembu.
Selilonke iqembu limi kanje:
Onozinti: Andile Dhlamini, Kaylin Swart, Dineo Magagula
Izitobha: Karabo Dlamini, Fikile Magama, Lonathemba Mhlongo, Tiisetso Makhubela, Bambanani Mbane, Lebohang Ramolepe
Abasesiswini: Sibulele Holweni, Linda Motlhalo, Thubelihle Shamase, Nonhlanhla Mthandi, Ndumiso Manengela, Kholosa Biyane, Amogelang Matlou
Amafolosi: Thembi Kgatlane, Nicole Michael, Noxolo Cesane, Sinoxolo Cesane, Hilda Magaia, Nthabiseng Majiya, Siphumelele Shamase