IBafana Bafana

UHugo Broos uphawula ngoLorch kwiBafana

SIHLE NGUBO 

Usezwakalise ukuthi ayivaliwe iminyango kuThembinkosi Lorch weMamelodi Sundowns, umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba eGqeberha ngoLwesine. IBafana izobhekana neCongo Brazaville emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesihlanu ngo-7 ntambama.

ULorch ungomunye wabadlali abakade bagcina ukubizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Empeleni wagcina ukudlalela iBafana ngo-2022. Akazange ahambe neqembu ukuya kwi-Afcon e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.

“Mhlawumbe kunzima kwabanye abadlali, ngesikhathi ngibabona abazange bangenelise,” kusho uBroos.

“Ngase ngiqala ngibheka abanye. Manje kusukela eminyakeni emibili edlule ngineqembu engilifunayo, elicabanga ngendlela ekahle, abadlali abahle, nakho konke.

“Uyayibona imiphumela esiyitholayo. Angisiboni isizathu sokubuyela emuva ngeminyaka emibili bese ngithi yebo, lona usekhona, yinto eseyidlulile.

“Akuyona into yamanje kodwa bonke abadlali banethuba lokuba nathi uma bedlala kahle.

“Uma kusasa uLorch eqala edlala ngendlela esezingeni eliphezulu kwiSundowns, kulungile, kungani kungafanele abe nathi? Kodwa leyo akuyona into yanamuhla.”

ULorch sekunesikhathi agcina ukudlala kwiSundowns ngenxa yokulimala. Nokho kuvela ukuthi useyazama ukubuya aziqeqeshe neqembu.

Kuzoba nzima nokho ukubuyela esikimini uma kubhekwa abadlali enabo iSundowns. Omunye umdlali olimele kwiSundowns uMothobi Mvala, okungangabazeki ukuthi siyabonakala isikhala sakhe kwiBafana.