IBafana Bafana

IBafana Bafana ivule igebe esicongweni ishaya iBennin 

SIHLE NGUBO 

INingizimu Afrika ivule igebe laba amaphuzu amahlanu esicongweni kuGroup C, kulandela ukushaya iBennin ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eStade Felix Houphouet-Boigny, e-Ivory Coast ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kunqoba kweBafana Bafana kwenza kunyuke amathemba okuthi izozibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.

Nokho iqembu lakuleli liye kulo mdlalo sekunezindaba zokuthi lingase liphucwe amaphuzu amathathu omdlalo eliwudlale neLesotho.

Kuvele ukuthi iBafana idlalise uTeboho Mokoena kungamele ngoba ubenamakhadi aphuzi amabili, awathole iqembu lakuleli libhekene neBennin kanjalo neZimbabwe ngokwehlukana.

Akucaci ukuthi le nto izophelela kuphi futhi neSafa ayikaphawuli mayelana nayo. IBafana yashaya iLesotho ngo 2-0 kulo mdlalo.

Umdlalo wangoLwesibili ubuyinto engaqondakali ngesiwombe sokuqala, amaqembu engahlaselani ngendlela.

Lokhu bekwenza kungabonakali ukuthi igoli lizoqhamuka kuphi, zaze zaya ekhefini kungu 0-0.

Igoli ligcine liqhamukile ngomzuzu ka-53 kanti lize noLyle Foster. Ubeseshaya igoli lakhe lesikhombisa emidlalweni engu-20 egqoke imibala yeqembu lesizwe.

Umdlalo uthe ukushintsha kancane ngemuva kokungena kwegoli njengoba iBennin ibisizama igoli lokulinganisa.

Kunalokho kube yiBafana eshaye igoli lesibili kanti lize noJaden Adams ngomzuzu ka-84. U-Adams ulishayile futhi ngesikhathi benqoba ngo 2-0 kwiLesotho.

IBafana ibembelele yaqoqa amaphuzu amathathu abalulekile njengoba sekusele imidlalo emine kuphela yokuhlunga.