UKhanyisa Mayo uzobhekana nePirates kweyeChampions League
SIHLE NGUBO
UKhanyisa Mayo weCR Belouizdad, yase-Algeria, uzobhekana ne-Orlando Pirates emidlalweni yamaqoqo yeCaf Champions League.
Ompetha beMTN8, eZimnyama, baqhathwe ne-Al Ahly yase-Egypt, yiStade D’Adjan yase-Ivory Coast, neCR Belouizdad yase-Algeria, eqoqweni okulindeleke ukuthi lishube kakhulu.
EZimnyama zizovula ngokubhekana neCR Belouizdad ekuhambeni ngoNovemba 26, bese zilandelise ngokwamukela i-Al Ahly ngoDisemba 6.
Nakanjani iPirates akumele ilahle amaphuzu kuyona yomibili le midlalo ngoba lokho kungayicindeza kakhulu.
UMayo usayine kuleli qembu lase-Algeria ekuqaleni kwesizini ka-2024/2025. Lo mgadli weBafana Bafana ubesuka kwiCape Town City egijima kwiBetway Premiership.
Nakanjani uMayo uyobe efuna ukukhombisa ukuthi ungumgadli osezingeni eliphezulu uma iPirates seyitholana phezulu neBelouizdad, asafuna ukuzibonakalisa kuyona.
Ngaphambi kokusayina kuleli qembu uMayo uke wamatamiswa neMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs. Nokho uqome ukuyodlala e-Algeria lapho kunokuncintisana okukhulu kakhulu.
Iqembu elisha likaMayo liqede endaweni yesibili kwilogi yeLigue 1, e-Algeria, ngesizini edlule.