Ubukeka exakekile uComitis ofuna u-R60 million kwiDowns
SIHLE NGUBO
Kubukeka sengathi abaphathi beCape Town City abafuni nhlobo ukuthi iqembu labo lidlale kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo, futhi bangenza noma yini ukugwema lokho.
UJohn Comitis ongumphathi waleli qembu useke wakusho ngokungananazi ukuthi akubafanele ukudlala kwiChampionship, ngemuva kokuthi iqembu lidliwe yizembe emasontweni edlule.
ICityzens izithole idlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars, kulandela ukuqeda endaweni ka-15 kwilogi yeBetway Premiership ngesizini edlule.
Leli qembu laseKapa lihluleke lancama ukugwema ukushona phansi kule midlalo egcine inqotshwe yi-Orbit College esizoyibamba kwiPremiership.
Muva nje iCityzens kuvela ukuthi seyinunusela iMamelodi Sundowns ngabadlali bayo abane ukuthi ibasayinise ngemali eshisiwe.
Kuthiwa leli qembu lifuna u-R60 million ngoJaedin Rhodes, u-Emile Witbooi, uJody Ah Shene noShakeel April.
Laba abadlali abancane abahle kakhulu kodwa kubukeka sengathi kunogagamela uma kungukuthi emunye ubiza u-R15 million.
Abalandeli abaningi bebhola babona ukuthi uComitis udayisa laba badlali nje ngoba efuna ukuthenga isitifiketi sokudlala kwiPremiership.
ISundowns nokho akubukeki izosayinisa abadlali kulokhu njengoba umqeqeshi wayo uMiguel Cardoso eke waveza ukuthi ufuna ukusinciphisa isikwati sakhe, ukuze asebenze kahle naso.
Leli qembu laseKapa lisanda kuqinisekisa ukuthi selihlukene noThami Mkhize, uThabo Nodada, uDarren Keet, uDarwin Gonzalez…
UFortune Makaringe, uLorenzo Gordinho, uHaashim Domingo, uKamohelo Mokotjo no-Elson Sithole.
Ukuhamba kwalaba badlali akukhombisi kusenethemba lokuthi iqembu lizokwazi ukuthenga isitifiketi sokudlala kwiPremiership.

