EzakamuvaIBetway Premiership

‘Uzidubule amankwahla’ uThabo Cele ochithwe yiChiefs

SIHLE NGUBO

Ukuhlukana kweKaizer Chiefs noThabo Cele kukholakala ukuthi kubangwe uyena lo mdlali ngokwephula imithetho nemibandela yeqembu.

Kumangale abaningi ngoMsombuluko ngesikhathi iChiefs ikhipha isitatimende ithi sekuphelile obekuyihlanganise nalo mdlali waKwaMashu.

“IKaizer Chiefs seyinqamule inkontileka kaThabo Cele ngokuvumelana (nomdlali), kulandela izingxoxo phakathi kweqembu nomdlali,” kusho isitatimende seChiefs.

“Lesi sinqumo sizovumela uCele ukuthi azame kwenye indawo njengoba Amakhosi eqhubeka nokuqondisa isikwati sawo sesizini ka-2026/2027.

“Sibonga “Induna Yendawo” ngokuzinikela kwayo esikhathini esihlale kwiKaizer Chiefs, futhi siyifisela okuhle kodwa lapho izoqhubeka idlale khona ibhola.”

UCele akabanga yingxenye yeqembu ngesikhathi liya e-Austria ukuyolungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

Lokhu kushiye imibuzo eminingi kubalandeli ngekusasa lakhe kwiChiefs, ikakhulukazi njengoba kuphele isizini engasasitholi isikimu.

Nokho kuvela ukuthi uCele uyena owephule imithetho yeqembu ngesikhathi kuvalwe isizini ngoJuni.

Kunomqhudelwano owasungulwa uCele noThalante Mbatha we-Orlando Pirates, obizwa ngeThabo Thalente Tournament, obanjelwa KwaMashu.

Kuvela ukuthi uCele udlalile kulo mqhudelwano ngoJuni futhi zikhona izithombe zakhe edlala kuwona.

Lokhu kuphambene kakhulu nemithetho yeqembu, ngoba abadlali bebhola elikhokhelayo abavunyelwe ukudlala imidlalo yaseKasi noma yeziteki.

Bekungelula nokuthi iChiefs ikufihle lokhu ngoba izithombe zalo mqhudelwano, osuneminyaka emibili, zigcwele ezinkundleni zokuxhumana.

Yize iChiefs ingazange iyithu vu eyokuthi uCele udlale umqhudelwano waseKasi, kodwa lokhu kubukeka kuyikona kanye okwenze ukuthi inkontileka yakhe inqanyulwe.

UCele ube nesandla ekutheni iChiefs inqobe iNedbank Cup, ngesizini ka-2024/2025, ngemuva kwesikhathi eside kunesomiso sezindebe eNaturena.

Ezakamuva zithi uCele angase athushuke kwiMamelodi Sundowns ezomthola mahhala.

NgoLwesithathu iSundowns uzobhekana neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.

ISiwelele isanda kumemezela ukuchitha umqeqeshi uLehlohonolo Seema nephini lakhe uWillem Jackson.