‘Ngeke sithembele kuShabalala njalo,’ kusho umqeqeshi weChiefs
SIHLE NGUBO
UMuhsin Ertugral uvule ngokunqoba njengomqeqeshi omusha weCape Town City, beshaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eDHL Cape Town Stadium, ngeSonto.
U-Ertugral uvale isikhala esivuleke ngokuxoshwa kuka-Eric Tinkler ngoDisemba 31. Bekungokokuqala eminyakeni eyisithupha u-Ertugral ehola iqembu kwiPremiership.
Umdlalo ubulokhu uphethwe yiChiefs kodwa ihluleka ukwakha amathuba okushaya amagoli.
Ekuqaleni kwesiwombe sesibili iChiefs ivele yakha engxenyeni yeCity izama ukuthola igoli. Nokho kuvele konakala ngomzuzu ka-51 ngesikhathi iqembu lasekhaya lihlasela ngokuzuma uDarwin Gonzalez washaya igoli.
Kucacile ukuthi kuzoba umqansa ukubuya kuMakhosi njengoba vele bekungafikeki phambili. Umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi uzenzile izinguquko efaka uBradley Cross, uMfundo Vilakazi, uRanga Chivaviro, uSamkelo Zwane noNjabulo Blom.
Nokho udonga lweCityzen beluqinile noDarren Keet engafuni lutho ezintini, yize kade esexhuga.
Ukushaywa kweChiefs kufaka ingcindezi kakhulu kunakuqala kuNabi njengoba imiphumela ingavumi kuleli qembu laseNaturena.
“Senza amaphutha afanayo. Sinenkinga yokuhluleka ukuthatha isinqumo okuyizona uma sisendaweni eyingozi,” kusho uNabi kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Sibe sesidedela igoli sangabe sisakwazi ukubuya kulokho. Ngesinye isikhathi siphaselana kakhulu ibhola, kwesinye siliphase ngokushesha kakhulu.
“Ngeke sithembele kumdlali oyedwa kuphela, uMduduzi Shabalala, njalo. Nabanye kumele babhukule uma uMdu engekho emdlalweni.”
IChiefs isayibambe endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-15. NgoLwesithathu izobhekana neStellenbosch FC ekhaya.