Izitabane azemukelwe nasebholeni labesilisa (iPSL) eMzansi
SIHLE NGUBO
Akukho ukungabaza ukuthi abadlali bebhola abayizitabane abacabangi ukuphumela obala ngalokho ebholeni laseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abesilisa.
Phela abesilisa abathandana nabanye abesilisa kanjalo nabesifazane abenza okufanayo, abakamukeleki ngendlela efanele emiphakathini yethu.
Iqiniso nokho ukuthi lesi yisimo esikhona nokumele ngabe kade nje sasemukela, njengabantu abanemiqondo ehluzekile. Elinye iqiniso elokuthi nakubadlali bebhola bamaqembu ePremier Soccer League (PSL), bakhona abadlali abayizitabane kodwa bakuthola kunzima ukukhululeka ngobubona.
Kubukeka sengathi umphakathi sewemukele ukuthi kubadlali bebhola besifazane kukhona abayizitabane futhi abanye babo sekuke kuvele ukuthi bashadile (nabanye besifazane) noma banabalingani bobulili obufanayo. Angizuwasho ngabomu amagama kodwa lena yinto engafihliwe.
Ngiyazi kunzima kakhulu kwabesilisa ukuthi baphumele obala ngalokhu, uma kubhekwa indlela abayiyona abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika.
Uma kungavela ukuthi umdlali othile weqembu lePSL uyisitabane, angaba nenkinga njalo uma kukhona iphutha alenzile noma ehluleke ukwenza into abayibona ilula labo abasuke behlezi belindele imilingo enkundleni.
Ungabezwa bethi ‘kuyasho phela ukuthi uyisitabane yikho nje egeje igoli elilula kanje.’ Uzwe bethi ‘ubengalivimba leliya bhola ukube akasona isitabane.’
Ngebhadi ke siwumphakathi sinjalo, futhi asifuni ukwamukela izimo zabanye abantu njengoba zinjalo. Abantu abanamahloni nje ngokucwasa abanye ngoba nakhu bengahambisani nendlela ethile abayiyona.
Yinto okumele ishintshe le ngoba ubutabani abusho ukuthi lowo muntu usuke engeke akwazi ukwenza into eyenziwa abanye abantu. Umdlali webhola oyisitabane uyazifanela nje nabo bonke abanye abadlali besilisa abasuke besenkundleni.
Ukuvaleleka ngesimo oyisona, ungaphumeli obala, kuhlale kunakho ukukwenza uzizwe ungeyona ingxenye yomphakathi ngokwanele. Uma sikwamukela ebholeni labesifazane ukuthi bakhona abayizitabane, kungani singahlulwa ukwenza okufanayo ebholeni labesilisa?
Ukwamukelana kumele kuqale ngaphakathi emaqenjini, oyisitabane angazitholi ecwaseka ngoba nakhu kugcwele abesilisa abazomhleka noma bambuke ngendlela ehlukile uma eveza ubuyena nendlela azizwa ngayo.
Ngiyazi kumele siqaphele uma kukhulunywa ngezitabane ngoba kusekhona abantu abakholwa wukuthi azidingeki emiphakathini yethu, futhi kumele zishaywe zize zibulawe imbala.
Mhlawumbe ukuphumela obala kwabadlali bePSL ngobutabane ngelinye ilanga, kuyoyishintsha imiqondo yabaningi. Abantu bazame ukwamukela ukuthi umdlali abamthanda kakhulu ngenxa yekhono lakhe nokudlala ibhola elisezingeni eliphezulu, uyisitabane.
Uma lokho kuyinto engasashayisi amakhala kangako ebholeni labesifazane, kumele ngelinye ilanga kwamukelwe ukuthi abanye abadlali bebhola besilisa bayizitabane, futhi ayikho nencane nje inkinga ngalokho. Shwiii!